Skip to Content

"ukuzibonga"

9 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 5:6

Akukuhle ukuzibonga kwenu . Anazi yini ukuthi imv ubelo encane ibilisa inhlama yonke na?

2 kwabaseKorinte 11:30

Uma ngimelwe ukuzibonga, ngiyakuzibonga ngobuthakathaka bami.

2 kwabaseKorinte 12:6

Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga , bengingezukuba yisiwula ; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso , kepha ngiyayeka , funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi.

2 kwabaseKorinte 12:9

Yathi kimi : Umusa wami ukwanele ; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni. Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.

2 kwabaseKorinte 1:12

Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu , okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana na ni ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu , kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.

KwabaseFilipi 1:26

ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKristu Jesu ngokufika kwami futhi kini. UPawulu uyabayala ukuba bahambe ngokwevangeli

KwabaseGalathiya 6:14

Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe.

KwabaseRoma 3:27

Ngakho kuphi ukuzibonga na ? Kuvalelwe phandle. Ngamthetho muni na ? Ngowemisebenzi na? Qhabo, kodwa ngomthetho wokukholwa.

KwabaseRoma 4:2

Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa phambi kukaNkulunkulu qha.