Skip to Content

"ukuzila"

12 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:12

Amemezela ukuzila ukudla, ambeka uNaboti emqoka kubantu.

1 AmaKhosi 21:9

Waloba ezincwadini ukuthi : Memezelani ukuzila ukudla , nimbeke uNaboti emqoka kubantu,

2 iziKronike 20:3

UJehoshafati wayeseshaywa luvalo , wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda.

NgokukaLuka 5:32

Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke. Ukuzila ukudla (Math. 9:14; Mark. 2:18)

NgokukaMarku 2:17

UJesu ekuzwa lokho wathi kubo : Abaphilileyo abadingi inyanga , ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni. Ukuzila ukudla (Math. 9:14; 12:1; Luk. 5:33)

NgokukaMathewu 9:13

Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi : Ngifuna isihawu , hhayi umhlatshelo. Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke. Ukuzila ukudla (Mark. 2:18; Luk. 5:33)

U-Ezra 8:21

Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni i -Ahava ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu , sizifunele kuye i ndlela emhlophe , thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke.

UJeremiya 36:9

Kwathi ngomnyaka wesihlanu kaJehoyakimi indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye bonke abantu baseJerusalema nabo bonke abantu ababevela emizini yakwaJuda beza eJerusalema , bamemezela ukuzila ukudla phambi kukaJehova.

UJona 3:5

Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamas aka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.

UJoweli 1:14

Ngcwelisani ukuzila ukudla , nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni , endlini kaJehova uNkulunkulu wenu , nikhale kuJehova.

UJoweli 2:15

Bethani icilongo eSiyoni, ningcwelise ukuzila ukudla, nibize umhlangano;

UZakariya 8:19

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ukuzila kwenyanga yesine, nokuzila kweyesihlanu, nokuzila kweyesikhombisa , nokuzila kweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle kuyo indlu yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.