Skip to Content

"ukwahlukanisa"

9 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:11

Wathi uNkulunkulu kuye: Ngokuba ucele leyo nto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho , uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni,

1 kwabaseKorinte 12:10

omunye ukwenza imisebenzi yamandla , omunye ukuprofetha , omunye ukwahlukanisa omoya , omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi , omunye ukuhumusha izilimi.

KumaHeberu 5:14

Kepha ukudla okuqinileyo kun gokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo , sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.

KwabaseFilipi 1:10

ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube lusuku lukaKristu,

UHezekeli 22:26

Abapristi bawo badlovile umthetho wami ; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo.

UHezekeli 42:20

Wayilinganisa ezinhlangothini zozine ; yayinogange nxazonke , ubude balo buyizingalo ezingamakhulu ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamakhulu ayisihlanu ukwahlukanisa phakathi kokungcwele nokungengcwele.

UHezekeli 44:23

Bayakufundisa abantu bami ukwahlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umahluko phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo.

UJona 4:11

mina-ke bengingayikulihawukela iNineve , umuzi omkhulu , okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?

UNumeri 34:18

Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.