Skip to Content

"ukwahlulela"

94 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:9

Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa -Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube p hakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.

1 AmaKhosi 3:9

Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?

1 iziKronike 16:33

Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabul a ebusweni bukaJehova , ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.

1 iziKronike 18:14

UDavide wabusa phezu kuka -Israyeli wonke , waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.

1 kaPetru 4:17

Ngokuba sekuyisikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu ; kepha uma kuthathela kithina , kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?

1 kaPetru 4:5

bayakuziphendulela kulowo olungele ukwahlulela abahambayo nabafileyo.

2 iziKronike 9:8

Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi ukuba ube yinkosi kuJehova uNkulunkulu wakho; ngokuba uNkulunkulu wakho wamthanda u -Israyeli waze wammisa kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi phezu kwabo ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.

2 uSamuweli 8:15

UDavide wabusa phezu kuka -Israyeli wonke , uDavide waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.

AmaHubo 106:3

Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe , owenza ukulunga ngezikhathi zonke.

AmaHubo 119:121

Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami.

AmaHubo 146:7

obenzela abacindezelweyo ukwahlulela , obapha abalambileyo ukudla ; uJehova uyakhulula iziboshwa.

AmaHubo 36:6

Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi , ukwahlulela kwak ho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.

AmaHubo 76:8

Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula

AmaHubo 7:6

Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.

AmaHubo 96:13

ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.

AmaHubo 98:9

ebusweni bukaJehova , ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba . Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.

AmaHubo 99:4

Amandla eNkosi athanda okulungileyo , umisile ubuqotho ; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.

AmaHubo 9:7

UJehova uyabusa kuze kube phakade ; isihlalo sakhe sobukhosi usimisela ukwahlulela;

EkaJuda 1:9

Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu , lapho ephikisana noSathane , ekhulumisana naye ng esidumbu sikaMose , akabanga nasibindi sokuletha ukwahlulela kokuhlambalaza, kodwa wathi: INkosi mayikujezise.

IsAmbulo 14:5

nasemlonyeni wabo akufunyaniswanga amanga; kabanasici. Izingelosi ezintathu zimemezela ukwahlulela

IsAmbulo 20:4

Ngase ngibona izihla lo zobukhosi ; bahlala kuzo , banikwa ukwahlulela ; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu , nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso , nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo ; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.

IzAga 16:33

Inkatho yenzelwa emathangeni , kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.

IzAga 19:28

Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela; umlomo wababi uyagwinya ukona.

IzAga 21:15

Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela , kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.

IzAga 28:5

Abantu ababi abaqondi ukwahlulela , kepha abafuna uJehova baqonda konke.

KwabaseRoma 2:2

Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo.

KwabaseRoma 2:3

Ucabanga lokho yini wena muntu owahlulela abenza okunjalo , ubukwenza nawe, ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na?

KwabaseRoma 5:16

Isipho asinjengokona kwalowo emunye , ngokuba uma ukwahlulela kwaba ngoyedwa kube ngukulahlwa , isipho somusa sona -ke saba ngeziphambeko eziningi kube ngukulungisiswa.

NgokukaJohane 3:19

Ukwahlulela kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni , kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo ibimibi.

NgokukaJohane 5:22

Ngokuba noYise kahluleli muntu; ukunike iNdodana konke ukwahlulela

NgokukaJohane 5:30

Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo ; ukwahlulela kwami kulungile , ngokuba nginga funi eyami intando kepha intando yongithumileyo.

NgokukaJohane 7:24

Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.

NgokukaJohane 8:16

Nakuba ngahlulela , ukwahlulela kwami kungokuqinisileyo , ngokuba ngingengedwa, kodwa yimina nongithumileyo.

NgokukaJohane 9:39

Wathi uJesu : Mina ngizele ukwahlulela kuleli zwe ukuba abangaboniyo babone, nababonayo babe yizimpumputhe.

NgokukaMathewu 12:18

Bheka, inceku yami engiyikhethileyo , othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami , ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe , amemezele ukwahlulela kubo abezizwe.

NgokukaMathewu 12:20

Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula , umongo othunqayo akayikuwucima, aze aphumelelise ukwahlulela, kunqobe.

NgokukaMathewu 23:23

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.

NgokukaMathewu 25:30

Leyo nceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle ; lapho kuyakuba khona ukukhala ngokugedla amazinyo. Ukwahlulela kweNdodana yomuntu

U-Amose 5:24

Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi, nokulunga njengomfula onganqamukiyo.

U-Amose 5:7

Nina enih lanekezela ukwahlulela kube ngumhlonyane , nilahle phansi ukulunga;

U-Amose 6:12

Amahhashi ayagijima emadwaleni , kulinywa elwandle ngezinkabi , na? Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu , nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,

U-Isaya 16:5

kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa, kuhlale kuso ngeqiniso etendeni likaDavide umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.

U-Isaya 1:17

Fundani ukwenza okuhle , nifune ukwahlulela , niqondise abacindezeli , nahlulele izintandane, nimele umfelokazi.

U-Isaya 1:21

Yeka umuzi othembekileyo waphenduka , waba yisifebe , wena owawugcwele ukwahlulela ! Ukulunga kwakuhlezi khona , kepha manje ababulali.

U-Isaya 28:17

Ngiyakwenza ukwahlulela kube ngumucu wokulinganisa , nokulunga kube ngumthofu wokumisa , isichotho sihlwithe isiphephelo samanga , amanzi akhukhule indawo yokucasha.

U-Isaya 32:16

Ukwahlulela kuyakwakha ehlane, ukulunga kuhlale ensimini.

U-Isaya 42:1

Bheka inceku yami engiyisekelayo , okhethiweyo wami othokoza ngay e umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe , uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.

U-Isaya 42:3

Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima; uyakukhipha ukwahlulela ngeqiniso.

U-Isaya 42:4

Akayikudangala, aphele amandla , aze amise ukwahlulela emhlabeni ; neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.

U-Isaya 51:4

Ngizweni, bantu bami , ningibekele indlebe nina sizwe sami , ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho , ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.

U-Isaya 56:1

Usho kanje uJehova , uthi: Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe.

U-Isaya 58:2

Nokho bangifuna izinsuku zonke , bathanda ukwazi izindlela zami ; njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso, babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu.

U-Isaya 59:11

Siyagwavuma sonke njengamabhere, siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.

U-Isaya 59:14

Ukwahlulela kubuyiselwa emuva , nokulunga kumi kude , ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abunakungena.

U-Isaya 59:15

Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango ; uJehova wakubona lokho , kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.

U-Isaya 59:9

Ngalokho ukwahlulela kukude nathi , nokulunga akusifumani ; sihlalela ukukhanya, kepha bheka , ubumnyama; silindela imin i, kepha sihamba ekuhlweni.

U-Isaya 5:7

Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka -Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo ; wabheka ukwahlulela , kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala. Amazwi okwahlulela okubi

UDuteronomi 10:18

Uyenza ukwahlulela kwezintandane nokomfelokazi , uyathanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.

UDuteronomi 1:17

Maningakhethi abantu ekwahluleleni , nimuzwe omncane njengomkhul u, ningesabi ubuso bamuntu , ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu ; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.

UGenesise 19:9

Bathi: Suka lapha! Bathi futhi: Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale ; usefuna ukwahlulela ; manje siyakukuh lupha wena kunabo . Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.

UHabakuki 1:4

Ngalokho umthetho uba buthakathaka , nokwahlulela akuphumi kuze kube nini, ngokuba omubi uhaqa olungileyo ; ngalokho ukwahlulela kuph uma kuhlanekezelwe. UNkulunkulu uvusela u-Israyeli amaKaledi

UHabakuki 1:7

Siyethusa, siyesabeka; kuphuma kuso ukwahlulela kwaso nesithunzi saso.

UHezekeli 18:19

Kepha nithi : Indodana ayithwali ngani ukona kukayise na ? Indodana isikwenzile ukwahlulela nokulunga , yagcina zonke izimiso zami , yazenza, iyakuphila nokuphila.

UHezekeli 18:21

Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.

UHezekeli 18:27

Lapho omubi ephenduka ebubini bakhe abe nzileyo, enze ukwahlulela nokulunga, uyakusindisa umphefumulo wakhe.

UHezekeli 18:5

Kepha uma umuntu olungileyo enza ukwahlulela nokulunga,

UHezekeli 18:8

enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini , enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;

UHezekeli 23:24

Bayakufika kuwe benezikhali , nezinqola, nokunamasondo, nesixuku sabantu, bazihlelele wena benamahawu , nezihlangu, nezigqoko nxazonke , nginikele kubo ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zabo.

UHezekeli 25:11

ngenze ukwahlulela kuMowabi, bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 28:22

uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngimelene nawe Sidoni ; ngiyakudunyiswa phakathi kwakho, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenza ukwahlulela kulo, ngingcweliswe phakathi kwalo.

UHezekeli 28:26

Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo , bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.

UHezekeli 30:14

Ngiyakwenza iz e iPhatirosi , ngiphembe umlilo eSowani , ngenze ukwahlulela eNo.

UHezekeli 44:24

Ekuphikisaneni bayakuma ukwahlulela , bakwahlulele njengezahlulelo zami, bagcine imith etho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami , balingcwelise isabatha lami.

UHezekeli 45:9

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Makwanele kini nina zikhulu zakwa - Israyeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova.

UHoseya 10:4

Bakhuluma amazwi nje, befunga amanga, benza isivumelwano; bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.

UHoseya 5:1

Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka -Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi , ngokuba ukwahlulela kukinina , lokhu nanilugibe eM ispa nenetha elenekwe eThabori.

UJeremiya 1:16

Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho , bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.

UJeremiya 22:15

Uyinkosi ngokuba ushisekela imisedari na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ukwahlulela nokulunga, kwaba kuhle kuye, na?

UJeremiya 23:5

Bheka, izinsuku ziyeza , usho uJehova , lapho ngiyakumisela uDa vide iHlumela elilungileyo ; liyakubusa njengenkosi , libe nokuhlakanipha , lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.

UJeremiya 33:15

Ngalezo zinsuku nangaleso sikhath i ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ukwahlulela nokulunga emhlabeni.

UJeremiya 48:21

Ukwahlulela kwehlele izwe lethafa: iHoloni, neJahasi, neMefahati,

UJeremiya 4:12

Umoya omkhulu kunokuba kwenziwe lokhu uyakuphuma kimi . Manje sengiyakukhuluma nami ukwahlulela kubo.

UJeremiya 5:1

Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema , nibone nazi , nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu , uma kukhona owenza ukwahlulela , ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.

UJeremiya 5:4

Ngase ngithi mina : Laba bayiz impofana nje , bayiziwula, ngokuba abayazi indlela kaJehova, ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo.

UJeremiya 7:5

Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu , uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe,

UJobe 32:9

Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela.

UJobe 34:12

Impela uNkulunkulu akenzi okubi; uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.

UJobe 34:17

Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na ? Uyakumlahla olungileyo nonamandla

UJobe 36:17

Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi ; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.

UJobe 40:8

Imbala uyachitha ukwahlulela kwami , ungilahle ukuba ube ngolungileyo , na?

UJobe 8:3

UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini ? USomandla uphendukezela ukulunga na?

UMalaki 3:5

Ngiyakusondela kini ukwahlulela , ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi , nangeziphingi, nangabafunga amanga , nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo , nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi , bengangesabi mina, usho uJehova Sebawoti.

UZefaniya 2:3

Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlab a enisebenzile ukwahlulela kwakhe ; funani ukulunga ; funani ukuthobeka ; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.

UZefaniya 3:5

UJehova ulungile phakathi kwawo , akenzi okubi ; ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni , akuphuthi; kepha abangalungile abazi amahloni.