Skip to Content

"ukwenze"

18 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:9

Ngalokho ungamyeki abe ngongenaca la, ngokuba wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyakwazi okufanele ukuba ukwenze kuye, wehlise impunga endaweni yabafileyo inegazi.

1 iziKronike 28:10

Bheka manje , ngokuba uJehova ekukhethile ukwakha indlu ibe yindlu engcwele, qina, ukwenze.

1 iziKronike 28:20

Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe : Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu , yebo, uNkulunkulu wami , unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.

1 kwabaseKorinte 9:16

Ngokuba noma ngishumayela ivangeli , anginaludumo ngalok ho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo ; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!

IzEnzo 22:10

Ngathi: Ngizakwenzani, Nkosi, na? INkosi yayisithi kimi : S ukuma, uye eDamaseku, uzakutshelwa khona konke okumiselweyo ukuba ukwenze.

U-Eksodusi 15:26

wathi: Uma u lalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , ukwenze okulungile emehlweni akhe , ulalele imiyalo yakhe , ugcine izimiso zakhe zonke , angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo. Ukufika kwabakwa-Israyeli e-Elimi

U-Eksodusi 23:22

Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo , ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe.

U-Eksodusi 29:2

nesinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo, agcotshwe ngamafutha; ukwenze ngempuphu ecolekileyo kakolweni.

U-Eksodusi 8:26

Wayesethi uMose : Akufanele ukwenze njalo , ngokuba siyakuhlabela uJehova uNkulunkulu wethu lokhu okunengeka kwabaseGibithe ; bheka, singahlaba okunengeka kwabaseGibithe emehlweni abo , bangasikhandi ngamatshe, na?

U-Ezra 10:4

Vuka, ngokuba iphezu kwakho le ndaba ; thina sinawe ; yiba nesibindi , ukwenze.

UDuteronomi 23:23

Lokho okuphume emlonyeni wakho uyakukugcina , ukwenze, njengokwethembisa kwakho uJehova uNkulunkulu wakho isithembiso sesihle owasethembisa ngomlomo wakho.

UDuteronomi 24:8

Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise , wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona ; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo.

UDuteronomi 28:20

UJehova uyakukwehlisela isiqalekiso , nokuphaphatheka, nokusolwa, kukho konke obeka isandla sakho kukho ukuba ukwenze , uze uchithwe , ubhubhe ngokushesha ngenxa yobubi bezenzo zakho ongidelele ngazo.

UGenesise 20:6

Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni : Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho ; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi ; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.

UGenesise 44:17

Wathi: Makube kude kimi ukwenze njalo ; umuntu etholakele esandleni sakhe indebe uyakuba yisigqila sami, kepha nina manihambe kahle, nenyuke, niye kuyihlo.

UGenesise 44:7

Ayesethi kuyo: Inkosi yami ikhulumelani amazwi anjengalawa ? Akube kude nezinceku zakho ukwenze njalo.

UJeremiya 22:17

Amehlo akho nenhliziyo yakh o kusekuphangeni kuphela, nasekuchitheni igazi elingenacala, nasekucindezeleni, nasekudloveni ukuba ukwenze.

UJoshuwa 9:25

Bheka, manje sesisesandleni sakho ; okuhle nokulungile emehlweni akho ukuba ukwenze kithi, kwenze.