Skip to Content

"ulibo"

10 occurrences in ZUL

KwabaseRoma 11:16

Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.

UDuteronomi 18:4

Ulibo lwamabele akho, nolwewayini lakho, nolwamafutha akho, nezandulela zoboya bezimvu zakho uyakumnika khona.

UDuteronomi 26:10

Manje-ke, bheka, sengilethile ulibo lwezithelo zomhlaba onginike wona wena Jehova ; bese wukubeka phansi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho,

UDuteronomi 26:2

uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.

UHezekeli 44:30

Lonke ulibo lokuqala lwakho konke nayo yonke iminikelo yakho konke eminikelweni yenu yonke kuyakuba ngokwabapristi, nimnike umpristi ulibo lomgqakazo wenu ukuhlalisa isibusiso phezu kwendlu yakho.

UHezekeli 48:14

Abayikuthengisa ngawo, bangenani ngawo, bangahlukaniseli abanye ulibo lwezwe, ngokuba lingcwele kuJehova.

UNehemiya 10:35

kulethwe endlini kaJehova ulibo lomhlabathi wethu nolibo lwezithelo zemithi yezinhlobo zonke iminyaka ngeminyaka,

UNehemiya 10:37

silethe ulibo lomgqakazo wethu , neminikelo yethu yokuphakanyiswa , nezithelo zemithi yezinhlobo zonke , newayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu, nokweshumi komhlabathi wethu kumaLevi, ngokuba wona amaLevi amukela okweshumi emizini yonke esilima kuyo.

UNumeri 18:12

Konke okuhle kwamanoni nakho konke okuhle kwewayini nokwamabele , ulibo lwalokho abanikela ngakho kuJehova ngikunikile khona.

UNumeri 18:13

Ulibo oluvuthwa kuqala lwakho konke okusezweni lakubo a baluletha kuJehova luyakuba ngolwakho ; yilowo nalowo ohlambulukileyo endl ini yakho uyakukudla.