Skip to Content

"ulungile"

36 occurrences in ZUL

1 kaJohane 1:9

Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

1 kaJohane 2:29

Uma nazi ukuthi ulungile , yazini ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.

1 kaJohane 3:7

Bantwanyana, maningadukiswa muntu ; owenza ukulunga ulungile , njengokuba yena elungile;

1 uSamuweli 24:17

Wayesethi kuDavide : Ulungile kunami , ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.

2 iziKronike 12:6

Zase zizithoba izikhulu zakwa-Israyeli nenkosi, bathi: UJehova ulungile.

AmaHubo 109:21

Kepha wena Jehova, Nkosi yami , ngiphathe ngokwegama lakho ; njengokuba umusa wakho ulungile, ngisindise.

AmaHubo 116:5

Unomusa uJehova, ulungile; uNkulunkulu wethu unobubele.

AmaHubo 119:137

Wena Jehova ulungile; izahlulelo zakho ziqotho.

AmaHubo 11:7

Ngokuba uJehova ulungile, uyathanda ukulunga; oqotho uyakubheka ubuso bakhe.

AmaHubo 129:4

UJehova ulungile; unqumile izintambo zababi.

AmaHubo 145:17

UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke , unomusa emiseb enzini yakhe yonke.

AmaHubo 25:8

UJehova muhle, ulungile; ngalokho ufundisa izoni indlela.

AmaHubo 51:4

Ngonile kuwe wena wedwa , ngakwenza okubi emehlweni akho , ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho.

AmaHubo 69:16

Ngiphendule, Jehova, ngokuba umusa wakho ulungile ; uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.

AmaHubo 92:15

ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile ; uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.

IsAmbulo 16:5

Ngezwa ingelosi yamanzi ithi : Ulungile wena okhona nowawukhona , oNgcwele, ngokuba wakunquma lokho,

IsiLilo 1:18

UJehova ulungile , ngokuba ngihlubukile izwi lakhe . Ake nizwe , bantu bonke, nibone ubuhlungu bami . Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.

IzAga 18:17

Ongowokuqala ecaleni lakhe usengathi ulungile , kepha umakhelwane wakhe ufika, amphenye.

IzAga 24:24

Oshoyo komubi ukuthi : Ulungile, lowo abantu bayakumqalekisa , nezizwe ziyakumthukuthelela.

KumaHeberu 11:4

Ngokukholwa u -Abela wanikela kuNkulunkulu ng omhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile , uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.

KwabaseRoma 7:12

Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.

U-Eksodusi 9:27

UFaro wath uma wababiza oMose no -Aroni, wathi kubo : Ngonile lesi sikhathi; uJehova ulungile, kepha mina nabantu bami sibabi.

U-Ezra 9:15

Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, ulungile, ngokuba sishiyiwe siyinsali nje njenganamuhla; bheka, siphambi kwakho necala lethu , nokho akakho ongema phambi kwakho ngenxa yalokho.

U-Isaya 26:7

Indlela yabalungileyo iqondile , umkhondo wabaqotho ulungile , uyawenza ukuba ulingane.

UDaniyeli 9:14

UJehova wayesebulinda ububi , wasehlisela bona , ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo , kepha asililalelanga izwi lakhe.

UDuteronomi 32:4

Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele , ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakal a; ulungile, uqotho yena.

UGenesise 38:26

Wakuvuma uJuda , wathi: Ulungile kunami , njengokuba ngingamnikanga uShela indodana yami. Akabange esamazi futhi.

UHezekeli 18:9

ehamba ngezimiso zami, egcina izahlulelo zami ukuba enze iqiniso, ulungile, uyakuphila nokuphila, isho iNkosi uJehova.

UJeremiya 12:1

Ulungile wena Jehova , noma ngimelana nawe ; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?

UJobe 22:3

Kuyintokozo yini kuSomandla , uma ulungile, kuyinzuzo kuye, uma wenza izindlela zakho ziphelele, na?

UJobe 35:7

Uma ulungile, umnikani yena, noma umukelani esandleni sakho na?

UJobe 4:17

Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na ? Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?

UJobe 8:6

uma uhlambulukile , futhi ulungile , khona yena uyakuvuka ngenxa yakho , aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho.

UNehemiya 9:33

Nokho wena ulungile kukho konke okusehleleyo , ngokuba wenze ngeqiniso, kepha thina sinecala;

UNehemiya 9:8

wafumana inhliziyo yakhe ithembekile phambi kwakho , wenza isivumelwano naye ukunika inzalo yakhe izwe lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaJebusi, nelamaGirigashi, wawafeza amazwi akho, ngokuba ulungile.

UZefaniya 3:5

UJehova ulungile phakathi kwawo , akenzi okubi ; ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni , akuphuthi; kepha abangalungile abazi amahloni.