"umahluleli"
18 occurrences in ZUL
sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi , umahluleli olungileyo , kungeyimi ngedwa , kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo. UThimothewu ucelwa ukuba afike kuPawulu
U-Abisalomu wathi futhi : Sengathi ngingenziwa umahluleli ezweni , kuze kimi wonke umuntu onecala nendaba, ngimenzele ukulunga.
Mina angikonanga, kepha wena wenza okubi kimi ngokulwa nami; uJehova uMahluleli makahlulele namuhla phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli nabantwana bakwa-Amoni.
Lapho uJehova ebavusela abahluleli , uJehova wayenaye umahluleli , wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli , ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.
uyise wezintandane, umahluleli wabafelokazi, uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,
Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa ; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango.
nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini , nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,
Ngokuba, nxa uya enkosini nomelene nawe, ncengisisa usesendleleni ukuba ukhululeke kuye , funa mhlawumbe akuhudulele kumahluleli , umahluleli akunikele kulo iphoyisa, iphoyisa likuphonse etilongweni.
Wathi: Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu.
Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni , funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni.
Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe, ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye, usho uJehova.
kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa, kuhlale kuso ngeqiniso etendeni likaDavide umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.
Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli , lowo muntu makafe , wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.
kuze kuthi uma onecala efanele ukushaywa, umahluleli amenze alale phansi, ashaywe phambi kwakhe, ubuningi bemivimbo bube njengokwecala lakhe.
Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela , ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi ; lokhu makube kude nawe ; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?
Noma bengilungile , bengingenakumphendula, kepha nginxuse umahluleli wami.
Buthana ngamaviyo , ndodakazi yamaviyo ; usivimbezele, bayakumshaya umahluleli wakwa-Israyeli ngenduku esihlathini.
Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo , umahluleli ubhe ka umvuzo ; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.