Skip to Content

"umalokazana"

11 occurrences in ZUL

1 iziKronike 2:4

UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.

1 uSamuweli 4:19

Umalokazana wakhe , umkaFinehasi, wayekhulelwe esezakubeletha ; esezwile umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi kufile uyisezala nomyeni wakhe , wakhonkobala, wabeletha, ngokuba wafikelwa yimihelo.

NgokukaLuka 12:53

bayakwahlukana, uyise nendodana , indodana noyise ; unina nendodakazi , indodakazi nonina ; uninazala nomalokazana wakhe , umalokazana noninazala.

UGenesise 11:31

UThera wathatha u -Abrama indodana yakhe , noLoti indodana kaHarana , indodana yendodana yakhe , noSarayi umalokazana wakhe , umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.

UGenesise 38:11

UJuda wayesethi kuTamari umalokazana wakhe : Hlala ungumfelokazi endlini kayihlo , aze akhule uShela indodana yami , ngokuba wathi : Ukuba angafi njengabafowabo. UTamari waya wahlala kwabo. OJuda noTamari

UGenesise 38:24

Kwathi emva kwezinyanga ezintathu uJuda watshelwa ukuthi : UTamari umalokazana wakho ufebile ; bheka, futhi ukhulelwe ngokufeba kwakhe . UJuda wathi: Mletheni, ashiswe.

UHezekeli 22:11

Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe ; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise.

UMika 7:6

Ngokuba indodana idelela uyise ; indodakazi ivukela unina ; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.

URuthe 1:22

Wabuya-ke uNawomi kanye noRuthe wakwaMowabi umalokazana wakhe owabuya ezweni lakwaMo wabi, bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.

URuthe 2:22

UNawomi wayesethi kuRuthe umalokazana wakhe: Kuhle, ndodakazi yami, ukuba uphume namantombazana akhe, ungafikelwa kwenye insimu.

URuthe 4:15

Uyakuba ngumbuyi si wokuphila kuwe , nomondli ebudaleni bakho , ngokuba umalokazana wakho okuthandayo , omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.