Skip to Content

"umanase"

26 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 20:21

UHezekiya wayeselala koyise . UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 21:1

UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusale ma; igama likanina lalinguHefisiba.

2 AmaKhosi 21:11

Ngokuba uManase inkosi yakwaJuda enzile lezi zinengiso, enze kabi kunakho konke ukwenza kwama -Amori ayephambi kwakhe , wonisa noJuda ngezithombe zakhe,

2 AmaKhosi 21:16

Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala , waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni , ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.

2 AmaKhosi 21:18

UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe , insimu ka- Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 21:20

Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise.

2 AmaKhosi 21:9

Kepha abalalelanga ; uManase wabaphambukisa baze benza okubi kunabezizwe abachithayo uJehova phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

2 AmaKhosi 23:26

Nokho uJehova akabuyanga ekuvutheni kwent ukuthelo yakhe enkulu , intukuthelo yakhe eyavuthela ngakho uJuda, ngenxa yakho konke ukucunula uManase ayemcunule ngakho.

2 iziKronike 32:33

UHezekiya wayeselala koyise ; bammbela emmangweni wamathuna amadodana kaDavide ; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bamenzela udumo ekufeni kwakhe. UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 33:1

UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema.

2 iziKronike 33:11

Ngalokho-ke uJehova wabehlisela izinduna zempi yen kosi yase-Asiriya; zambamba uManase ngamaketanga , zambopha ngawozankosi , zamuyisa eBabele.

2 iziKronike 33:13

Wakhuleka kuye ; wancengwa nguye , wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe . Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.

2 iziKronike 33:20

UManase wayeselala koyise ; bammbela endlini yakhe ; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 33:22

Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise ; u- Amoni wahlabela zo nke izithombe ezibaziweyo ayezenzile uManase uyise , wazikhonza.

2 iziKronike 33:23

Akazithobanga phambi kukaJehova njengalokho ebezithobile uManase uyise kepha yena lowo Amoni wenza amacala akhe aba maningi.

2 iziKronike 33:9

UManase wadukisa uJuda nabakhileyo eJerusalema , baze benza okubi kunabezizwe uJehova abachitha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

AbAhluleli 1:27

UManase akaxoshanga abaseBeti Sheyani nemizana yalo, nabaseThahanaki nemizana yalo , nabakhe eDori nemizana yalo , nabakhe eJibileyamu nemizana yalo , nabakhe eMegido nemizana yalo ; amaKhanani aphumelela ukuhlala kulelo zwe.

AmaHubo 108:8

Ngowami uGileyadi , ngowami uManase ; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.

AmaHubo 60:7

Ngowami uGileyadi , ngowami uManase ; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.

NgokukaMathewu 1:10

uHezekiya wazala uManase , uManase wazala u -Amoni, u-Amoni wazala uJosiya;

U-Isaya 9:21

uManase u -Efrayimi, no-Efrayimi uManase, bobabili basukele kanyekanye uJuda; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi , isandla sakh e siseluliwe.

UGenesise 41:51

UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase , wathi: Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.

UGenesise 48:14

U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene , wasibeka ekhanda lika - Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase , ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.

UHezekeli 48:4

Ngasemkhawulweni wa kwaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , uManase uyakuba nesabelo.

UJoshuwa 17:11

Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo , nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo , nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.

UJoshuwa 17:5

UManase wabelwa izabelo eziyishumi ngaphandle kwelakwaGileyadi neBashani ngaphesheya kweJordani,