Skip to Content

"umbhede"

14 occurrences in ZUL

1 iziKronike 5:1

Amadodana kaRubeni , izibulo lika -Israyeli ngokuba wayeyizibulo ; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise , ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka -Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo.

2 AmaKhosi 1:4

Ngalokho uJehova usho kanje , uthi: Umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa. Wayesesuka u-Eliya.

2 AmaKhosi 1:6

Zathi kuye : Kwakhuphuka umuntu ukuba asihlangabeze, wathi kithi : Hambani, nibuyele enkosini enithumileyo , nithi kuyo: Usho kanje uJehova , uthi: Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba uthume ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na? Ngalokho umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa.

2 AmaKhosi 4:10

Ake sixhume odongeni ikamelo phezulu , simbekele khona umbhede , netafula, nesihlalo, nothi lwesibani; kuyakuthi lapho eza kithi , aphambukele khona.

IzAga 22:27

uma kungekho ongakhokha ngakho , ubuyakususelwani umbhede wakho phansi kwakho na?

IzAga 7:16

Ngendlele umbhede wami ngezindwangu zokumboza, nelineni elinemishwe laseGibithe.

IzAga 7:17

Ngifafazile umbhede wami ngemure, nangomhlaba, nangokinamona.

KumaHeberu 13:4

Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke , umbhede ungabi nasisihla , ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.

U-Isaya 28:20

Ngokuba umbhede uyakuba mfushan e kunokuba umuntu enabe kuwo , nengubo ibe ncane kunokuba umuntu azisonge ngayo.

U-Isaya 57:7

Entabeni ende nephakemey o uwubekile umbhede wakho ; futhi wakhuphukela khona ukunikela ngomhlatshelo.

UHezekeli 32:25

Phakathi kwabagwaziweyo balib ekele umbhede kanye naso sonke isixuku salo, amathuna aso engakulo nxazonke , bonke balo bengabangasokile , bebulewe n genkemba, ngokuba kwabangwa ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini ; yebo, libekiwe phakathi kwababuleweyo.

UJobe 7:13

Lapho ngithi umbhede wami uyakungiduduza , ukhukho lwami lungithwalise ukukhala kwami,

ULevitikusi 15:21

Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

ULevitikusi 15:5

Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe , ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.