Skip to Content

"umbono"

37 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 3:15

USamuweli walala kwaze kwasa , wavula iminyango yendlu kaJehova . USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.

IsAmbulo 17:6

Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu. Ingelosi iyawuchasisela umbono wesifebe nowesilo

IzEnzo 11:5

Mina bengisemzini waseJopha ngikhuleka ; ngehlelwa yisiyezi , ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu , yehliswa ezulwini ngamachopho amane, yaze yafika kimi.

IzEnzo 12:9

Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi , kodwa wayethi ubona umbono.

IzEnzo 16:10

Lapho esewubonile umbono , safuna masinyane ukuya eMakedoniya , sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli.

IzEnzo 16:9

Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku ; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: Welela eMakedoniya, usisize.

IzEnzo 26:19

Ngalokho, nkosi Agripha , angibanga ngongawulaleliyo umbono wasezulwini,

KumaHeberu 12:21

yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela,

NgokukaLuka 1:22

Kuthe esephuma, wahluleka ukukhuluma kubo; bazi ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ebaqhweba, wahlala eyisimungulu.

U-Amose 7:3

UJehova wazisola ngalokhu. Akuyikubakho, usho uJehova. Umbono ngomlilo eqedayo

U-Amose 7:6

UJehova wazisola ngalokhu. Akuyikubakho, isho iNkosi uJehova. Umbono ngentambo yomthofu

U-Isaya 1:1

Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.

U-Isaya 21:2

Ngitshelwe umbono olukhuni : umphangi uyaphanga , umchithi uyachitha . Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya; konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.

U-Isaya 29:11

Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa ow azi incwadi ngokuthi : Ake ufunde lokhu , abesethi yena: Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,

U-Obadiya 1:1

Umbono ka -Obadiya. Isho k anje iNkosi uJehova ngo -Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova , kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: Vukani, simvukele ngokulwa.

UDaniyeli 10:14

Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.

UDaniyeli 10:7

Mina, Daniyeli, kuphela ngawubona umbono , ngokuba abantu ababe nami abawubonanga umbono , kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu , babaleka ukuba bacashe.

UDaniyeli 11:14

Ngalezo zikhathi abaningi bayakuyisukela inkosi yaseningizimu , nabaphangi babantu bakho bayakuziphakamisa ukuwuqinisa umbono, kepha bayakuwa.

UDaniyeli 8:1

Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBelishasari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emva kwalokho okwabonakala kimi kuqala.

UDaniyeli 8:15

Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli , ngafuna uk uwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami kungathi isimo somuntu.

UDaniyeli 8:16

Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe -Ulayi elalimemeza lathi : Gabriyeli, menze lo ukuba aqonde umbono.

UDaniyeli 8:17

Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami ; kepha wathi kimi : Qonda, ndodana yomuntu , ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.

UDaniyeli 8:26

Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile , kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.

UDaniyeli 9:24

Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko , nokukhawula izono , nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade , nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.

UHabakuki 2:2

UJehova wangiphendula wathi : Wulobe umbono , uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula.

UHabakuki 2:3

Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo ; uphuthuma ekupheleni , awuyikukhohlisa; noma ulibala , wulindele, ngokuba uyakufika nokufika , awuyikwephuza.

UHezekeli 11:24

UMoya wayesengiphakamisa, wangiyisa ngombono ngoMoya kaNkulunkulu eKalideya kubathunjwa. Wase wenyuka kimi umbono engiwubonileyo.

UHezekeli 12:24

Ngokuba akusayikuba khona umbono oyize nokubhula okuthophayo endlini yakwa-Israyeli.

UHezekeli 12:27

Ndodana yomuntu, bheka, abendlu ka-Israyeli bathi: Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude.

UHezekeli 13:7

Anibonanga umbono oyize , anikhulumanga ukubhula kwamanga, lapho nithi: Kusho uJehova, mina ngingakhulumanga, na?

UHezekeli 7:13

Ngokuba umthengisi akayikubuyela kokuthengisiweyo , nakuba esekhona phakathi kwabaphilayo , ngokuba umbono wesixuku sonke awuyikubuya , futhi akuyikubakho muntu ongabambelela ekuphileni ngenxa yobubi bakhe.

UHezekeli 7:26

Ingozi iyakwelanywa yingozi , umbiko ulandele umbiko ; bayakufuna umbono womprofethi , kepha umthetho uyakuphela kumpristi nesiluleko kuwo amalunga.

UJeremiya 23:16

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofe thi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo , kungengokuvela emlonyeni kaJehova.

UNumeri 24:16

ozwileyo amazwi kaNkulunkulu , owazi ukwazi koPhezukonke , obonile umbono kaSomandla, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:

UNumeri 24:4

ozwileyo amazwi kaNkulunkulu , obonile umbono kaSomandla uthi , ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:

UZakariya 1:17

Phinda umemeze , uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Imizi yami isayakuchichima okuhle, uJehova abuye aliduduze iSiyoni , abuye alikhethe iJerusalema. Umbono ngezimpondo ezine nabakhandi bensimbi

UZakariya 1:6

Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo , baze baphenduka , bathi: Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu , wenze kanjalo kithina, na? Umbono ngezinkweli zamahhashi