Skip to Content

"umcibisholo"

9 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 20:36

Wathi kumfana wakhe : Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo . Esagijima umfana, wacibishela umcibisholo ngaphambi kwakhe.

1 uSamuweli 20:37

Umfana esefikile endaweni yomcibisholo uJonathani ayicibisheleyo , uJonathani wamemeza emva komfana , wathi: Umcibisholo awungaphambi kwakho na?

2 AmaKhosi 13:17

Wathi: Vula ifasitele ngasempumalanga . Yalivula. Wayesethi u -Elisha: Cibishela. Yacibishela-ke. Wathi: Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa , umcibisholo wokusindiswa kuma -Aramu, ngokuba uyakubulala ama -Aramu e-Afeki, uwaqede.

2 AmaKhosi 9:24

UJehu wayesensala umnsalo ngamandla akhe onke , wamcibishela uJoramu phakathi kwamahlombe akhe , umcibisholo waphuma ngasenhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe.

IzAga 7:23

umcibisholo uze uhlabe isibindi sakh e njengenyoni isheshela ogibeni , ingazi ukuthi lubekelwe ukuphila kwayo.

U-Isaya 49:2

Wawenza umlomo wami njengenkemba ebukhali , wangithukusa ethunzini lesandla sakhe, wangenza umcibisholo ophucuziweyo , wangithukusa esambweni sakhe.

UGenesise 21:16

Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe , kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo , ngokuba wathi : Ngingebone ukufa komntwana . Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

UJobe 41:28

Umcibisholo awunakumxosha; amatshe endwayimana aphenduka amabibi kuye.

UZakariya 9:14

UJehova abesebonakala phezu kwabo , umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo , ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.