"umefibosheti"
7 occurrences in ZUL
Naye uMefibosheti indodana kaSawule wehla ukuhlangabeza inkosi ; wayengalungisanga izinyawo zakhe , engalungisanga nesil evu sakhe , engahlanzanga futhi izingubo zakhe , kwasukela osukwini inkosi eyamuka ngalo kwaze kwaba lusuku owabuya ngalo ngokuthula.
Wayesethi uMefibosheti enkosini : Makathathe konke , njengokuba inkosi yami, inkosi, isibuyele endlini yayo ngokuthula. UBarizilayi
Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo , phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.
USiba wathi enkosini : Njengakho konke inkosi yami , inkosi, eyale ngakho inceku yayo, iyakwenze njalo inceku yakho. UMefibosheti uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi.
UMefibosheti wayenendodana encane egama layo linguMika . Bonke ababehlala endlini kaSiba babe yizinceku zikaMefibosheti.
UMefibosheti wayesehlala eJerusalema , ngokuba wadla njalo etafuleni lenkosi; wayelunyonga ngezinyawo zakhe zombili.
UMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule wafika kuDavide , wawa ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi : Mefibosheti. Wathi: Nansi i nceku yakho.