"umfanekiso"
28 occurrences in ZUL
Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;
Njengephupho ekuphaphameni , Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.
Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo , sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda.
Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume , senze futhi ukuba bonke aba ngakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe.
Ngokuba lokhu umthetho unes ithunzi sezinto ezinhle ezizayo , ungesiwo umfanekiso wazo uqobo , ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;
O nina maGalathiya angaqondiyo ! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?
Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga. Umfanekiso womSamariya onesihawu (Math. 22:34; Mark. 12:28)
Wabalandisa umfanekiso , wathi: Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle.
Wabalandisa abamenyiweyo umfanekiso , ebona ukuzikhethela kwabo izihlalo eziphambili, wathi kubo:
Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali.
Kuthe ukuba bakuzwe lokho , weleka walandisa umfanekiso , ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.
UJesu wayesethi kubo: Nami-ke anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Umfanekiso wabalimi besivini (Math. 21:33; Mark. 12:1)
Wabalandisa umfanekiso wokuthi: Bhekani umkhiwane nemithi yonke.
Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu.
Fundani umfanekiso emkhiwaneni ; nxa igatsha lawo selithamba , lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.
Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli.
Omunye umfanekiso wawubeka kubo , wathi: Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;
Omunye umfanekiso wawubeka kubo , wathi: Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe;
Wabatshela omunye umfanekiso wathi : Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.
Khona wazishiya izixuku , weza endlini . Basondela kuye abafundi bakhe , bathi: Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.
Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga , anikholwanga nguye ; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye ; kodwa nina , khona nikubona , aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye. Umfanekiso wabalimi besivini (Mark. 12:1; Luk. 20:9)
Yizwani omunye umfanekiso . Kwakukhona umuntu , umninindlu, owatshala isivini , wasibiyela ngothango , wemba khona isikhamo , wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.
Fundani umfanekiso emkhiwaneni ; nxa igatsha lawo selithamba , lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.
Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani , nimlinganise namuphi umfanekiso , na?
noma umfanekiso wesilwane esisemhlabeni , noma umfanekiso wenyoni enamaphiko, endizayo emkhathini,
noma umfanekiso wesilwanyana esinwabuzelayo emhlabeni , noma umfanekiso wenhlanzi esemanzini phansi komhlaba,
Phakathi kwakho kwaphuma umfanekiso wezidalwa ezine , nesimo sazo sasiyilesi: zafana nabantu,
Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani , bakhale isililo , bathi: Sichithiwe nokuchithwa ; isabelo sabantu bami sinikwa omunye ; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.