Skip to Content

"umfelokazi"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:26

UJerobowamu indodana kaNebati wakwa -Efrayimi waseSereda , inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.

1 AmaKhosi 17:10

Wayesesuka waya eSarefati; esefikile esangweni lomuzi, bheka, umfelokazi wayecakasha khona ; wambiza wathi : Ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni, ngiphuze.

1 AmaKhosi 17:9

Suka uye eSarefati elingeleSidoni , uhlale khona ; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle.

1 kuThimothewu 5:4

Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane , labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo , babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.

1 kuThimothewu 5:9

Makangafakwa esibalweni umfelokazi , uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabe ngumfazi wendoda inye,

AmaHubo 94:6

Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi, nezintandane bayazibulala.

IsAmbulo 18:7

ngokungangalokho elizidumise latamasa ngakho , linikeni ukuhlupheka nokulila okungako. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: Ngihlezi ngiyinkosikazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngabona ukulila.

NgokukaLuka 18:3

Kulowo muzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu efika kuye , ethi: Ngizwele esitheni sami.

NgokukaMarku 12:42

Kwase kufika umfelokazi ompofu wabeka amafadingi amabili okuyisitebela.

U-Isaya 1:17

Fundani ukwenza okuhle , nifune ukwahlulela , niqondise abacindezeli , nahlulele izintandane, nimele umfelokazi.

UHezekeli 44:22

Abayikuthatha umfelokazi nolahliweyo babe ngabafazi babo , kepha bathathe izintombi zozalo lwendlu yakwa -Israyeli, noma umfelokazi ongumfelokazi wompristi.

UJobe 24:21

Uyayidla inyumba engazaliyo; akenzeli umfelokazi okuhle.

ULevitikusi 21:14

Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo , isifebe, laba akayikubathatha , kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe.