"umhlabathi"
22 occurrences in ZUL
u-Eziri indodana kaKelubi wayephethe abenza umsebenzi wasendle wokulima umhlabathi;
U-Abishayi wathi kuDavide : UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla ; ngalokho mangimgwaze kanye ngomkhonto uze udle umhlabathi, ngingamphindi.
iyakuzibekela wona abe yizinduna zez inkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo , avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.
Wakha imibhoshongo ehlane , wemba imigodi eminingi yamanzi , ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni , wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.
Uyakumlimela umhlabathi , wena namadodana akho nezinceku zakho , uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla , kepha uMef ibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami . USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.
Njengalokhu umuntu elima , eklaya umhlabathi , amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.
Ngokuba umhlabathi , ophuze imvula efika kaningi phezu kwawo , umilisa imifino ebasizayo abawulinyelwayo, uyabusiswa nguNkulunkulu;
Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo , kuqala ikhaba , khona isikhwebu , besekuba yizinhlamvu ezipheleleyo esikhwetshini.
Izwe lakini liyihlane , imizi yenu ishisiwe ngomlilo , umhlabathi w enu udliwa ngabafokazi phambi kwenu, kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.
Umlimi, eyakutshala, ulima lonke usuku na ? Uyaduba abhuqe umhlabathi wakhe njalo na?
Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyakudla ukudla okuyolisiweyo, okweliweyo ngefosholo nangembenge.
UNkulunkulu wathi : Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye , kubonakale umhlabathi owomileyo, kwaba njalo.
Kwakungakabikho sihlahla endle , namifino yayingakamili emhlabathini , ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakan isi imvula emhlabeni , kungakabikho muntu wokulima umhlabathi.
Wayesethi ku -Adamu: Njengokuba ulalele izwi lomkakho , wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo , ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.
Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho , uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo ; ngokuba ungumhlabathi , uyakuphenduka umhlabathi.
UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.
Uma ulima umhlabathi , awusayikukunika isithelo sawo ; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.
Ziyakuchitha izingange zaseTire , zibhidlize imibhoshongo yalo ; ngiyakukhukhuza umhlabathi walo kulo, ngilenze idwala eliyinyabule.
Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo , umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo , zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi zejoka lazo , ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo.
Ngolaka lwalo nangokufutheka kwalo liyagwinya umhlabathi ; alimi ngokukhala kwecilongo.
Amasimu achithekile , umhlabathi u yalila, ngokuba amabele achithiwe ; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.
Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula ; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.