Skip to Content

"umhlatshelo"

29 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 1:21

Lowo muntu u-Elkana wenyuka kanye nendlu yakhe ukuyonikela kuJehova umhlatshelo weminyaka nesithembiso sakhe.

1 uSamuweli 2:29

Niwukhahlelelani umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami , udumise amadodana akho phezu kwami , nizikhuluphalise ngeminikelo emihle kunayo yonke yakwa-Israyeli, abantu bami, na?

1 uSamuweli 9:13

ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana , engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla ; ngokuba abantu abayikudla engakafiki , lokhu nguye obusisa umhlatshelo , andukuba abamenyi weyo badle . Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.

AbAhluleli 16:23

Amakhosi amaFilisti abuthana ukuba ahlabele uDagoni unkulunkulu wawo umhlatshelo omkhulu, athokoze, ngokuba athi: Unkulunkulu wethu unikele uSamsoni isitha sethu esandleni sethu.

AmaHubo 40:6

Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi ; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.

AmaHubo 51:16

Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo ; noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo.

IzAga 15:8

Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova , kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.

IzAga 21:27

Umhlatshelo wababi uyi sinengiso; kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.

IzAga 9:2

Kuhlabile umhlatshelo , kuvubele iwayini lakho ; futhi kulungisile itafula lakho.

IzEnzo 7:41

Benza ithole ngaleyo mihla , baletha umhlatshelo e sithombeni, bajabula ngemisebenzi yezandla zabo.

KumaHeberu 10:5

Ngalokho-ke esefika ezweni uthi: Umhlatshelo nomnike lo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.

KumaHeberu 13:15

Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga , okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.

KwabaseFilipi 4:18

Kepha nginakho konke ngokweqileyo ; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu- Ephafrodithu okuvela kinina , iphunga elimnandi , umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.

NgokukaMathewu 12:7

Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi : Ngifuna isihawu , hhayi umhlatshelo, nga ningabalahlanga laba abangenacala.

NgokukaMathewu 9:13

Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi : Ngifuna isihawu , hhayi umhlatshelo. Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke. Ukuzila ukudla (Mark. 2:18; Luk. 5:33)

U-Eksodusi 34:15

funa wenze isivumelwano nabakhileyo ezweni , baye baphinge nawonkulunkulu babo, bahlabele onkulunkulu babo, omunye akumeme, udle umhlatshelo wakhe,

UHezekeli 39:17

Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yisho ezinyonini zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle, uthi: Buthani, nifike, nihlanganyele umhlatshelo wami nxazonke engiwuhlaba ngenxa yenu , umhlatshelo omkhulu ezintabeni zakwa-Israyeli, ukuba nidle inyama, niphuze igazi.

UHoseya 6:6

Ngokuba ngifuna uthando , hhayi umhlatshelo ; ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.

UJona 1:16

Amadoda ayesesaba uJehova ngokwesaba okukhulu; ahlabela uJehova umhlatshelo, enza izithembiso.

ULevitikusi 22:29

Nxa nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga , niyakumhlabela ukuba namukeleke.

ULevitikusi 23:37

Le iyimikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele ukunikela ngomnikelo womlilo kuJehova , umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu , umhlatshelo neminikelo yokuphu zwa, kube yilowo nalowo ngosuku lwawo,

ULevitikusi 3:3

Wothabatha kuwo umhlatshelo weminikelo yokuthula , anikele ngomnikelo womlilo kuJehova, umhlehlo osibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,

ULevitikusi 3:9

Wothabatha kuwo umhlatshelo weminikelo yokuthula , anikele ngomnikelo womlilo kuJehova amanoni awo , nomsila wonke ononileyo , awunqume eduze nomhlandla, namanoni asibekela izibilini, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,

ULevitikusi 7:16

Kepha uma umhlatshelo womnikelo wakhe ungowesithembiso noma ungowesihle, uyakudliwa ngalolo suku anikela ngalo ngomhlatshelo wakhe ; nangakusasa okuseleyo kuwo kuyakudliwa;

UNumeri 15:3

nenze umnikelo womlilo kuJehova , umnikelo wokushiswa , noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso , noma umnikelo wesihle , noma owemikhosi yenu emisiweyo , ukwenza iphunga elimnandi kuJehova , owezinkomo noma owezimvu,

UNumeri 15:5

newayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, okwesine kwehini ngemvana inye , wolilungisela umnikelo wokushiswa noma umhlatshelo.

UNumeri 15:8

Nxa ulungisa iduna libe ngumnikelo wokushiswa , noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma kube yiminikelo yokuthula kuJehova,

UZefaniya 1:7

Thula phambi kobu so beNkosi uJehova , ngokuba usuku lukaJehova luseduze; uJehova ulungisile umhlatshelo , ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.

UmShumayeli 9:2

Konke kungabehlela bonke , olungileyo nomubi, omuhle nohlambulukileyo nongcolileyo, onikela ngomhlatshelo nong enawo umhlatshelo , omuhle abe njengesoni, ofungayo njengowesaba isifungo.