"umikhali"
14 occurrences in ZUL
Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova usungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni , wabona inkosi uDavide isina, idlala; wayidelela enhliziyweni yakhe.
UMikhali indodakazi kaSawule wamthanda uDavide ; bamtshela uSawule , kwaba kuhle emehlweni akhe.
uDavide wasuka waya , yena nabantu bakhe , wabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu amabili ; uDavide waletha amajwabu abo , bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi . USawule wayesemnika uMikhali indodakazi yakhe abe ngumkakhe.
USawule wabona, wazi ukuthi uJehova unoDavide ; uMikhali indodakazi kaSawule wamthanda.
USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi : Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.
UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitele , wahamba, wabaleka, waphunyuka.
UMikhali wathatha itherafi, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.
USawule wathi kuMikhali : Ungikhohliseleni kanje , uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke, na? UMikhali wamphendula uSawule ngokuthi: Wathi kimi: Ngivumele ukuba ngihambe; ngiyakukubulalelani na?
Kepha uSawule wayesemnike uPaliti indodana kaLayishi waseGalimi uMikhali indodakazi yakhe.
Wathi: Kuhle; ngiyakwenza isivumelwano nawe , kepha yinto inye engiyifuna kuwe , ngeyokuthi awuyikubona ubuso bami , uma ungalethi kuqala phambi kwami uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzayo ukubona ubuso bami.
UDavide wayesethuma izithunywa ku -Ishi Bosheti indodana kaSawule , ethi: Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.
Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide , uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni , wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.
UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe . UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.
UMikhali indodakazi kaSawule akazalanga mntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.