"umkhawulo"
77 occurrences in ZUL
UJabesi wabiza uNkulunkulu ka -Israyeli, wathi: Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami , isandla sakho sibe nami , ungivikele ebubini , ngingehlelwa ngubuhlungu . UNkulunkulu wamnika akucelayo.
Imizi amaFilisti ayeyithathile ku -Israyeli yabuyiselwa ku -Israyeli, kusukela e-Ekroni kuze kube seGati; umkhawulo wayo u-Israyeli wawophula esandleni samaFilisti. Kwaba khona ukuthula phakathi kuka-Israyeli nama-Amori. USamuweli ungumahluleli
Wabuyisa umkhawulo wakwa-Israyeli kusukela ekuyeni eHamati kuze kube seLwandle lwase -Araba; njengezwi likaJehova , uNkulunkulu ka -Israyeli, alikhulumayo ngesandla senceku yakhe uJona indodana ka -Amithayi, umprofethi waseGati Heferi.
Umkhawulo wama-Amori wasukela ekwenyukeni kwe -Akarabimi naseSela, waya ngenhla njalo.
Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula , kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.
Dlulelani eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu, bese nehlela eGati lamaFilisti ; bahle kunale mibuso yini , umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?
Wena-ke wobamise la abantu umkhawulo nxazonke , uthi: Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni , ningathinti umkhawulo wayo . Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;
UMose wathi kuJehova : Abantu abanakukhuphukela entabeni yaseSinayi , ngokuba usiyalisisile, wathi: Yimisele intaba umkhawulo, uyingcwelise.
Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakwandisa umkhawulo wa kho njengokukwethembisa kwakhe , uze uthi : Ngiyakudla inyama , lokhu umphefumulo wakho ufisa ukudla inyama , ungayidla inyama njengesifiso sonke somphefumulo wakho.
Uma uJehova uNkulunkulu wakho ewandisa umkhawulo wakho njengokufunga kwakhe koyihlo , akunike lonke izwe athembisa ukubanika lona oyihlo,
Wena uyakuwela i-Ari, umkhawulo wakwaMowabi;
Yala abantu ngokuthi : Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho,
Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni , waya ngaseGerari waze wafika eGaza ; waya ngaseSodoma naseGomora nase -Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.
UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle , abe sosebeni lwemikhumbi; umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.
Nanku umthetho wendlu: esiqongweni sentaba wonke umkhawulo wayo nxazonke uyakuba ngcwele kakhulu. Bheka, lokhu kungumthetho wendlu.
Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.
Nanku umkhawulo wezwe : ohlangothini lwasenyakatho , kusukela eLwandle Olukhulu ngendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eSedadi,
Umkhawulo osuka elwandle uyakuba yiHasari Enani ngasemkhawulweni waseDamaseku, nasenyakatho ngasenyakatho umkhawulo uyiHamati . Lolu luluhlangothi lwasenyakatho.
Ngasemkhawulweni wakwaGadi , ohlangothini lwaseningizimu ngaseningizimu, umkhawulo uyakusuka eTamari kuze kube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni, ngaseLwandle Olukhulu.
Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlab a kuze kufike komunye , nenyama enokuthula ayikho.
Ngalolo suku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye ; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba ngumquba ebusweni bomhlaba.
Uma imihla yakhe inqunyiwe , umumo wezinsu ku zakhe ukuwe , ubekile umkhawulo wakhe, aze angadluli,
Ubumnyama bubekelwa umkhawulo ; kuyacingwa kuze kube sekupheleni konke amatshe esigayegaye nethunzi lokufa.
uSihoni inkosi yama -Amori owayehlala eHeshiboni , ebusa kusukela e - Aroweri eliseceleni kwesigodi sase -Arinoni, naphakathi nesigodi , nenxenye yakwaGileyadi, kuze kube semfuleni iJaboki , umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,
ebusa entabeni yaseHermoni , naseSaleka, nakulo lonke iBashani kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhati, nenxenye yakwaGileyadi, umkhawulo kaSihoni inkosi yaseHeshiboni.
Umkhawulo wabo wasuka e -Aroweri eliseceleni kwesigodi sase -Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa ngaseMedeba,
Umkhawulo wabantwana bakwaRubeni wawuyiJordani nogu lwalo . Lelo laliyifa labantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo, imizi nemizana yabo.
Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi , nenxenye yezwe labantwana bakwa -Amoni, kuze kufike e -Aroweri elingaphambi kweRaba,
Umkhawulo wabo wasuka eMahanayimi : lonke iBashani , wonke umbuso ka-Ogi inkosi yaseBashani , nayo yon ke imizi yeJayire eseBashani , imizi engamashumi ayisithupha,
umkhawulo wajika usuka eBahala ngasentshonalanga , waya entabeni yaseSeyiri, wadlula waya eceleni kwentaba yaseJeharimi ngasenyakatho , eliyiKesaloni, wehlela eBeti Shemeshi, wadlula ngaseThimna;
umkhawulo wawusuphuma , waya eceleni kwe -Ekroni ngasenyakatho ; umkhawulo wasuka waya eShikeroni , wadlula waya e ntabeni yaseBahala , waphuma eJabineyeli; ukuphuma komkhawulo kwakuselwandle.
Umkhawulo wasentshonalanga wawuluLwandle Olukhulu nogu lwalo . Lokho kungumkhawulo wabantwana bakwaJuda nxazonke ngemindeni yabo.
Umkhawulo wabo waseningizimu wasuka ekupheleni koLwandle Lukasawoti, ethekwini elibheka ngaseningizimu,
Umkhawulo wasempumalanga wawuluLwandle Lukasawoti kuze kufike ekugcineni kweJordani. Umkhawulo wasohlangothini lwasenyakatho wasuka ethekwini lolwandle ngasekugcineni kweJordani;
umkhawulo wenyukela eBeti Hogila , wadlula ngasenyakatho kweBeti Araba; umkhawulo wakhuphukela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;
umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini sase -Akori ngasenyakatho , ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango wase -Adumimi elingaseningizimu komfula ; umkhawulo wawusudlula , waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi ; ukuphuma kwawo kwakungasemthon jeni waseRogeli;
wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu , eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;
umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba , waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase -Efroni; umkhawulo wasuka waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi;
Umkhawulo wabantwana bakwa -Efrayimi ngemindeni yabo wawunje : umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi -Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla;
umkhawulo waphuma ngasentshonalanga ngaseMikemetha ngasenyakatho ; umkhawulo wawusujika ngasempumalanga, waya eTawanati Shilo, walidlula ngasempumalanga kwaseJanowa;
Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga , wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo
Umkhawulo kaManase wasuka kwa-Asheri, waya eMikemetha elingaphambi kweShekemi; umkhawulo wawusuya ngakwesokunene kwabakhileyo e -Eni Taphuwa.
Umkhawulo wehlela emfudlaneni iKhana ngaseningizimu komfula ; leyo mizi yayingeka-Efrayimi phakathi kwemizi kaManase ; umkhawulo kaManase wawungasenyakatho komfula; ukuphuma kwawo kwakuselwandle;
Inkatho yadla isizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo ; umkhawulo wesabelo sabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa.
Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani ; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho , wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.
Umkhawulo wasuka lapho , waya eLuze eceleni kweLuze eliyiBethele ngaseningizimu; umkhawulo wawusehlela e -Atharoti Adari ngasentabeni engaseningizimu kwaseBeti Horoni laseNzansi.
Umkhawulo wasuka , wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi , umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.
Uhlangothi l waseningizimu lwasuka ekupheleni k weKiriyati Jeharimi , umkhawulo waphuma waya ngasentshonalanga emthonjeni wamanzi aseNefitowa;
umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;
umkhawulo wadlula , waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho , ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.
Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo ; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi;
umkhawulo wabo wenyukela ngasentshonalanga kuze kube seMarala , wafinyelela naseDabesheti , wafinyelela nasemfuleni ongasempumalanga kwaseJokineyamu,
umkhawulo wawusujika ngasenyakath o kwalo , waya eHanathoni ; ukuphuma kwawo kwakungasesigodini saseJifitayeli;
Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi,
umkhawulo wafinyelela eThabori , naseShahasuma, naseBeti Shemeshi ; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani , imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.
Umkhawulo wabo wawuyiHelikati, neHali, neBetheni, ne-Akishafu,
umkhawulo wajika waya eRama , nasemzini obiyelweyo waseTire ; umkhawulo wajika waya eHosa ; ukuphuma kwawo kwakuselwandle ngasezweni lase-Akizibi;
Umkhawulo wabo wasuka eHelefi , kulo i-oki laseSahananimi, nase-Adami Nekebi, naseJabineyeli, waze wafika eLakumi ; ukuphuma kwawo kwakungaseJordani;
umkhawulo wawusujika ngasentshonalanga , waya e -Azinoti Thabori ; waphuma lapho , waya eHukoki ; wafinyelela kwaZebuloni ngaseningizimu , wafinyelela kwa -Asheri ngasentshonalanga nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga.
Umkhawulo wefa labo wawuyiSora, ne-Eshitawoli, ne-Iri Shemeshi,
Umkhawulo wabantwana bakwaDani waphuma kuwo ; kepha abantwana bakwaDani bakhuphuka balwa neLeshemu , balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, balidla, bakha kulo , baliqamba iLeshemu ngokuthi iDani ngegama likaDani uyise.
UJehova wenzile iJordani umkhawulo phakathi kwethu nani , nina bantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi ; aninasabelo kuJehova ; abantwana benu bese bebuyisela emuva abantwana bethu ukuba bangabe besamesaba uJehova.
Uma u-Edomi ethi: Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo , usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi , nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.
Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho ; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.
ake sidabule izwe lakho ; asiyikudabula amasimu nezivini , singaphuzi amanzi emithombo ; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi , singajiki ngakwesokunene nangakwesokhohlo size sidlule umkhawulo wakho.
Ake sidabule izwe lakho ; asiyikuchezukela emasimini noma ezivinini , singaphuzi amanzi emithombo ; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi , size sidlule umkhawulo wakho.
U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba , wadla izwe lakhe , kusukela e- Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.
Anoziphawulela umkhawulo wenu wasempumalanga , usukela eHasari Enani uze ufike eShefamu;
umkhawulo wehle eShefamu , uye eRibila ngasempumalanga kwase-Ayini, umkhawulo wehle njalo , uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga,
umkhawulo wehlele eJordani , uphume ngaseLwandle Lukasawoti ; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.
uhlangothi lwaseningizimu luyakusuka ehlane laseSini , lugudle elakwa - Edomi, umkhawulo wenu waseningizimu usuke ekugcineni koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga,
umkhawulo wenu ujike ngaseningizimu kokhalo lwe-Akarabimi, uze ufike eSini, uphume eningizimu kwaseKadeshi Barineya , uye eHasari Adari , uze ufike e-Asimoni,
umkhawulo ujike ngase -Asimoni, uye emfule ni waseGibithe , uphume elwandle.
Umkhawulo wasentshonalanga uyakuba luLwandle Olukhulu , lona lube ngumkhawulo wenu wasentshonalanga.
kusukela enta beni yaseHori anoziphawulela indlela eya eHamati , umkhawulo uphume eSedadi,
andukuba umkhawulo uye eZifroni, uphume eHasari Enani; lokho kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho.
Kepha uma umbulali edlula ngesikhathi esithile umkhawulo womuzi wakhe wokuphephela lapho ebalekele khona,