Skip to Content

"umkhonto"

23 occurrences in ZUL

1 iziKronike 11:11

Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo : uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu ; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.

1 iziKronike 11:20

U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu , ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe , wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu.

1 iziKronike 11:23

Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki ; wehlela kuye ephethe i nduku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe , wambulala ngomkhonto wakhe.

1 uSamuweli 18:11

USawule wawuciba umkhonto , ngokuba wathi: Ngiyakumbhujela uDavide odongeni. Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili.

1 uSamuweli 19:9

Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe , ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla.

1 uSamuweli 21:8

UDavide wathi ku -Ahimeleki: Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.

1 uSamuweli 22:6

USawule wezwa ukuthi uDavide uyaziwa nabantu ababe naye ; uSawule wayehlezi eGibeya phansi komtamariske egqumeni ephethe umkhonto esandleni sakhe, zonke izinceku zimi ngakuye.

1 uSamuweli 26:11

UJehova makenqabe ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova; ake uthathe umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi , sihambe.

1 uSamuweli 26:12

UDavide wayesethatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba, kungaboni muntu, kungazi muntu, kungavuki muntu, ngokuba babelele bonke , lokhu bebehlelwe ngubuthongo obunzima obuvela kuJehova.

1 uSamuweli 26:16

Akukuhle okwenzileyo . Kuphila kukaJehova , nimelwe ukuf a, ngokuba anilindanga inkosi yenu , ogcotshiweyo kaJehova . Manje bhekani ukuthi umkhonto wenkosi uphi nesigubhu samanzi esasingasekhanda lakhe.

1 uSamuweli 26:22

UDavide waphendula wathi : Bheka, umkhonto, nkosi! Makuwele enye yezinsizwa, iwulande.

1 uSamuweli 26:7

ODavide no -Abishayi bafika kubantu ebusuku ; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni , umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke.

2 iziKronike 25:5

Futhi u-Amasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu , oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka en gamashumi amabili kuya phezulu , wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu.

2 uSamuweli 23:18

U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe , wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.

2 uSamuweli 23:21

wabulala nowaseGibithe, umuntu owabukeka emuhle ; owaseGibithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe , kepha wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe , wambulala ngomkhonto wakhe.

2 uSamuweli 23:8

Lawa angamagama amaqhawe kaDavide : UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu ; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangam akhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.

AbAhluleli 5:8

Bakhetha onkulunkulu abasha ; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yin i phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?

AmaHubo 35:3

Hosha umkhonto , uvimbe indlela kwabangizingel ayo; yisho kuwo umphefumulo wami, uthi: Mina ngiyinsindiso yakho.

AmaHubo 46:9

Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba ; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.

UJobe 41:26

Noma inkemba ifinyelela kuye, ayinakusiza, noma umkhonto nomcibisholo nengcula.

UJoshuwa 8:18

UJehova wathi kuJoshuwa : Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngase - Ayi, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho . UJoshuwa welul ela-ke umkhonto osesandleni sakhe ngasemzini.

UJoshuwa 8:26

UJoshuwa akabuyisanga isandla sakhe awelula ngaso umkhonto , engakaqothuli bonke abakhileyo e-Ayi.

UNumeri 25:7

Esekubona uFinehasi ka -Eleyazare ka -Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe,