Skip to Content

"umlindisango"

5 occurrences in ZUL

2 iziKronike 31:14

UKore, indodana kaJimna umLevi , umlindisango wasesangwe ni lasempumalanga, wayephethe iminikelo yesihle kaNkulunkulu ukuba abele iminikelo kaJehova nezinto ezingcwele.

2 uSamuweli 18:26

Umlindi wayesebona omunye umuntu egijima ; umlindi wabiza umlindisango, wathi: Bheka, omunye umuntu ugijima eyedwa . Inkosi yathi: Naye uletha umbiko.

NgokukaJohane 10:3

Umlindisango uyamvulela lowo ; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe ; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.

NgokukaMarku 13:34

Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe ; washiya indlu yakhe , wanika izinceku zakhe amandla , yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo , wayala umlindisango ukuba alinde.

UJeremiya 35:4

ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu owayeseceleni kwekamelo lezikhulu elaliphezu kwekamelo likaMahaseya indodana kaShalumi, umlindisango.