"umqhele"
36 occurrences in ZUL
UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.
kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu , niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.
Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni z onke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.
Wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi, bayigcoba; bashaya ihlombe, bathi: Mana njalo, nkosi.
Base beyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi; uJehoyada namadodana akhe bayigcoba bathi : Mana njalo, nkosi.
sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi , umahluleli olungileyo , kungeyimi ngedwa , kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo. UThimothewu ucelwa ukuba afike kuPawulu
Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo ; isisindo sawo sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide ; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.
Ngase ngima ngakuye , ngambulala, ngokuba ngakwazi ukuthi angephile esewile, ngathatha umqhele owawusekhanda lakhe , nesongo elalisengalweni yakhe, ngikulethile lapha enkosini yami.
Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo , kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.
Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle ; wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.
Uchithile isivumelwano senceku yakho , wadumaza umqhele wayo , wawuphonsa emhlabathini.
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni ; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga , nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe , nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili,
Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho . Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe , futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.
Ngiyeza masinyane ; bambisisa lokho onakho , ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.
Ngabona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe , nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba.
Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile!
Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo , umgexo weziwula ungubuwula.
Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube phakade ; umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na?
Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa , kunikeze kuwe umqhele wodumo.
Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi ; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.
kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi , uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.
Amabutho aluka umqhele wameva awufaka ekhanda lakhe , amembathisa ingubo ebubende;
Wayesephuma uJesu ethwele umqhele wameva nengubo ebubende . Wathi kubo uPilatu: Bhekani lo muntu!
aluka umqhele wameva , awufaka ekhanda lakhe , nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe , ambhinqa athi: Bayede, nkosi yabaJuda!
ufake isigqoko ekhanda lakhe, ubeke umqhele ongcwele esigqokweni.
Inkosi yamthanda u -Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi , wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.
makalethelwe isambatho sobukhosi ekade isembethe inkosi , kanye nehhashi inkosi ekade ikhwela kulo nelifakwe enhloko yalo umqhele wobukhosi;
Wo kuwo umqhele wokuziphakamis a wezidakwa zakwa -Efrayimi, nakuyo imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo , esenhloko yesigodi esivundileyo sabanqotshwe yiwayini.
Umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwa-Efrayimi uyakunyathelwa ngezinyawo,
isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Susa isigqoko , wethule umqhele ; lokhu akuyikuba yikho; phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo.
Yisho kuyo inkos i nakuyo indlovukazi ukut hi: Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi , umqhele wodumo lwenu.
Ungikhumulile udumo lwami; ususile umqhele ekhanda lami.
futhi angaphumi endlini engcwele , angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova.
Wafaka isigqoko ekhanda lakhe , nasesigqokweni ngaphambili wafaka ungcwecwe wegolide , umqhele ongcwele , njengalokho uJehova emyalile uMose.
Lapho wamukele isiliva negolide , yenza umqhele , uwubeke ekhanda likaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu,