Skip to Content

"umthande"

6 occurrences in ZUL

UDuteronomi 10:12

Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,

UDuteronomi 19:9

uma ugcina yonke le miyal o ukuba uyenze , engikuyala ngakho namuhla , umthande uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe njalo ngezindlela zakhe , wozithasiselela eminye imizi emithathu ngaphandle kwaleyo emithathu

UDuteronomi 30:16

ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe , nezimiso zakhe , nezahlulelo zakhe , ukuze uphile , wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.

UDuteronomi 30:20

ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , ulilalele izwi lakhe , unamathele kuye , ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.

UHoseya 3:1

UJehova wathi kimi : Hamba futhi , umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu , bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.

ULevitikusi 19:34

Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu , umthande njengalokhu uzithanda wena , ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.