Skip to Content

"umthombo"

26 occurrences in ZUL

2 iziKronike 32:30

Yena lowo Hezekiya wavimbezela umthombo wasenhla wamanzi aseGihoni, wawaqondisa ngasentshonalanga komuzi kaDavide. UHezekiya waphumelela emisebenzini yakhe yonke.

EkaJakobe 3:11

Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na?

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:12

Uyinsimu ehluthulelweyo, dadewethu, makoti wami , umthombo ohluthulelweyo nesiphethu esibekwe uphawu.

IzAga 5:18

Mawubusiswe umthombo wakho, uthokoze ngomfazi wobusha bakho.

NgokukaJohane 4:11

Wathi kuye : Nkosi, awuphethe lutho lokukha amanzi , umthombo ujulile; uwathathaphi, pho, lawo manzi aphilayo na?

NgokukaJohane 4:6

Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.

NgokukaMarku 5:29

Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe , wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.

UDuteronomi 33:28

U-Israyeli usehlezi e londekile; umthombo kaJakobe wahlukene wodw a ezweni lamabele nelewayini; yebo, amazulu akhe aconsisa amazolo.

UGenesise 16:14

Ngalokho umthombo wabizwa ngokuthi iBeri Lahayi Royi ; bheka, uphakathi kweKadeshi neBeredi.

UGenesise 16:7

Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane , umthombo osendleleni eya eShuri.

UGenesise 21:19

UNkulunkulu wavula amehlo akhe , wabona umthombo wamanzi , waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.

UGenesise 26:19

Izinceku zika -Isaka zemba esigodini , zafumana umthombo wamanzi aphethuzayo.

UGenesise 26:21

Bemba omunye umthombo , baphikisana nangawo . Waqamba igama lawo ngokuthi iSitina.

UGenesise 26:22

Wasuka lapho, wemba omunye umthombo; abaphikisananga ngawo; wabiza igama lawo ngokuthi iRehoboti , wathi: Ngokuba uJehova usenzele indawo ; siyakwanda ezweni. Isithembiso sika-Abrahama siyaphindwa ku-Isaka

UGenesise 26:25

Wakha khona i -altare, wakhuleka egameni likaJehova , wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona. Isivumelwano sika-Isaka no-Abimeleki

UGenesise 29:2

Wabheka, nanko umthombo endle , nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi ; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.

UHoseya 13:15

Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane ; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.

UJeremiya 17:13

O, themba lika -Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha ; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.

UJeremiya 2:13

Ngokuba abantu bami benzile ok ubi okubili : bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo , bazigubhele imithombo , imithombo evuzayo , amanzi angenakuhlala kuyo.

UJeremiya 51:36

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakumela indaba yakho , ngikuphindisele, ngishise ulwandle lwalo, ngomise umthombo walo.

UJeremiya 9:1

Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi , namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bam i imini nobusuku.

UJoweli 3:18

Kuyakuthi ngalolo suk u izintaba ziconse iwayini elimnandi , amagquma agobhoze ubisi , yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi ; kuyakuvela umthombo endlini kaJehova oyakunisela isigodi saseShithimi.

ULevitikusi 11:36

Kepha umthombo nomgodi lapho amanzi eqoqene khona uyakube uhlambulukile, kodwa okuthinta izidumbu zazo kuyakuba ngokungcolile.

ULevitikusi 20:18

Uma umuntu elala nowesifazane onefindo lakhe, ambule ubunqunu bakhe, unqunisile umthombo wakhe , naye wambulile umthombo wegazi lakhe ; bobabili bayakunqunywa kubantu bakubo.

UNumeri 21:18

umthombo ezawumba izikhulu , abawugubha abakhulu babant u ngentonga yobukhosi nangezindondolo zabo. Basuka ehlane, baya eMathana.

UZakariya 13:1

Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.