Skip to Content

"umzimba"

65 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 4:8

Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana , kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke , kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.

1 kwabaseKorinte 11:29

Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi.

1 kwabaseKorinte 12:14

Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi.

1 kwabaseKorinte 12:17

Uma umzimba wonke ubuyiso , ukuzwa ngabe kuphi na ? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na?

1 kwabaseKorinte 12:19

Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na?

1 kwabaseKorinte 12:20

Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye.

1 kwabaseKorinte 12:24

Kanti lezo ezinesimo esihle azik udingi lokho . Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu,

1 kwabaseKorinte 13:3

Noma ngabela abampofu konke engina kho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.

1 kwabaseKorinte 15:37

futhi lokho okuhlwanyelayo awuhlwanyeli umzimba ozakuba khona kepha uhlamvu oluze, noma kungaba ngolukakolweni, noma kungaba ngolokunye;

1 kwabaseKorinte 15:38

kepha uNkulunkulu ulunika umzimba njengokuthanda kwakhe , yileyo naleyo mbewu owayo umzimba.

1 kwabaseKorinte 15:44

Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo , kuvuswa kungumzimba womoya . Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya.

1 kwabaseKorinte 6:11

Babenjalo abanye kini , kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu. Umzimba wethu uyithempeli likaNkulunkulu

1 kwabaseKorinte 6:13

Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe , ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba;

1 kwabaseKorinte 6:18

Balekelani ubufebe . Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.

1 kwabaseKorinte 6:19

Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?

1 kwabaseKorinte 7:4

Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba , kodwa yindoda enawo ; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba , kodwa ngumfazi onawo.

1 kwabaseKorinte 9:27

Kodwa ngiyawutuba umzimba wami , ngiwenza isigqila , ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.

AmaHubo 44:25

Ngokuba umphefumulo wethu ukhothamele othulini ; umzimba wethu unamathele emhlabathini.

EkaJakobe 2:26

Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile , kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.

EkaJakobe 3:6

nolimi lungumlilo , ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke , luthungela ukuphila konke , luthungelwa yisihogo.

IzAga 5:11

uze ububule ekugcineni, lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,

KumaHeberu 10:22

masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi , umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;

KumaHeberu 10:5

Ngalokho-ke esefika ezweni uthi: Umhlatshelo nomnike lo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.

Kwabase-Efesu 4:12

ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza , kwakhiwe umzimba kaKristu,

Kwabase-Efesu 4:16

okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe , ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo njengokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni. Izono zabangakholwayo

Kwabase-Efesu 4:4

munye umzimba , munye uMoya , njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;

KwabaseKolose 2:11

enasokela kuye f uthi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu;

KwabaseKolose 2:17

okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.

KwabaseKolose 2:19

engabambeleli kuye oyinhloko , okungaye umzimba wonke usizwa , uhlanganiswa ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.

KwabaseKolose 2:23

ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo , nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba ; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.

KwabaseRoma 4:19

engabanga buthakathaka ekukholweni wabona umzimba wakhe obusufa, eneminyaka engaba ngeyikhulu, nesizalo sikaSara sifile;

KwabaseRoma 6:6

sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziw e ize , singabe sisakhonza isono,

KwabaseRoma 8:10

Uma uKristu ekini , umzimba ufile ngenxa yesono , kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga.

NgokukaLuka 11:34

Isibani somzimba siyiso lakho ; nxa iso lakho liphilile , umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.

NgokukaLuka 11:36

Njalo-ke uma umzimba wakho wonke ungukukhanya ungenandawo emnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso. UJesu usola abaFarisi nezazimthetho (Math. 23:23)

NgokukaLuka 12:4

Kepha ngithi kinina bahlobo bami : Ningabesabi abawubulala umzimba , bengenakwenza okunye emva kwalokho.

NgokukaMarku 14:8

Wenzile abengakwenza ; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa.

NgokukaMathewu 10:28

Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo , kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhis a nomphefumulo nomzimba esihogweni.

NgokukaMathewu 5:29

Uma iso lakho lokunene likukhubekisa , likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe s inye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

NgokukaMathewu 5:30

Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa , sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

NgokukaMathewu 6:22

Isibani somzimba yiso . Ngakho uma iso lakho lilihle , uzakukhanya umzimba wakho wonke.

NgokukaMathewu 6:23

Kepha uma iso lakho lilibi , uzakuba mnyama umzimba wakho wonke . Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama , ubumnyama bukhulu kangakanani!

U-Isaya 10:18

Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe , umzimba nomphefumulo, kube njengesiguli esinyamalalayo.

UDaniyeli 10:6

Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe , nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo , izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwe thusi eliphucuziweyo , nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.

UDaniyeli 4:33

Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari : waxoshwa kubantu , wadliswa utshani njengezinkabi , umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe n jengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.

UDaniyeli 7:11

Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo , wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo.

UGenesise 25:25

Waphuma owokuqala, ebomvana wonke umzimba , enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu.

UHezekeli 10:12

Wonke umzimba wawo, nemihlane yawo, nezandla zawo, namaphiko awo, namasondo kwakugcwele amehlo nxazonke ; yebo, amasondo lawa omane ayenawo.

UJobe 30:18

Ngamandla amakhulu umzimba wami wonakele ; unamathela kimi njengentamo yesambatho sami.

ULevitikusi 14:9

Kuyakuthi ngosuku lwesikhombisa aphucule zonke izinwele zekhanda lakhe nesilevu sakhe namashiya akhe , yebo, aphucule zonke izinwele zakhe , ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, ahlambuluke.

ULevitikusi 15:13

Nxa ocucuzayo ehlambulukile ekucucuzeni kwakhe, uyakuzibalela izinsuku eziyisikhombisa zokuhlanjululwa kwakhe , ahlanze izingubo zakhe , ageze umzimba wakhe ngamanzi agobhozayo, ahlambuluke.

ULevitikusi 15:16

Nxa umunt u eshaywa yizibuko , uyakugeza wonke umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

ULevitikusi 15:3

Lokhu kuyakuba ngukungcola kwakhe ngokucucuza kwakhe: noma umzimba wakhe ucucuza , noma umzimba wakhe uvimbekile ekucucuzeni kwakhe , kungukungcola kwakhe.

ULevitikusi 16:24

Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi enda weni engcwele , agqoke izambatho zakhe , aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana.

ULevitikusi 16:26

Ovuma ukuba impongo iye ku -Azazeli uyakuhlanza izingub o zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.

ULevitikusi 16:28

Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe , ageze umzimba wakhe ngamanzi , andukuba angene ekamu.

ULevitikusi 16:4

embathe ibhantshi elingcwele lelineni , abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande lelineni , afake isigqoko selineni ; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe.

ULevitikusi 17:16

Kepha uma engazihlanzi , angagezi umzimba wakhe , uyakuthwala ububi bakhe.

ULevitikusi 22:6

umuntu othinta okunjalo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, uma engagezi umzimba wakhe ngamanzi.

UNumeri 19:7

Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe , ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu, umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe.

UNumeri 19:8

Osishisayo uyakuhlanza izingubo zakhe ngamanzi , ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

UNumeri 8:7

Uyakwenza kanje kubo ukuba ubahlambulule: fafaza amanzi okuphothula , baziphucule umzimba wonke, bahlanze izingubo zabo, bazihlambulule.

UmShumayeli 12:12

Kepha phezu kwalana , ndodana yami , mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.

UmShumayeli 2:3

Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini , inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha , nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.

UmShumayeli 4:5

Isiwula siyasonga izandla zaso, sidle umzimba waso.