Skip to Content

"unebuzaradani"

15 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 25:11

Abanye abantu ababesele emzini , nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.

2 AmaKhosi 25:20

UNebuzaradani induna yabalindi wabathatha , wabayisa enkosini yaseBabele eRibila.

2 AmaKhosi 25:8

Ngenyanga yesihlanu ngolwesikhombisa lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , kwafika uNebuzaradani induna yabalindi , inceku yenkosi yaseBabele , eJerusalema.

UJeremiya 39:10

Kepha uNebuzaradani induna yabalindi wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngasikhathi sinye.

UJeremiya 39:11

UNebukadinesari, inkosi yaseBabele , wamyala uNebuzaradani , induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:

UJeremiya 39:13

UNebuzaradani induna yabalindi kanye noNebushazibani induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi , nezikhulu zonke zenkosi yaseBabele base bethumela,

UJeremiya 39:9

Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.

UJeremiya 40:1

Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova , uNebuzaradani induna yabalindi esemvumele ukuba asuke eRama ngokumthatha eboshiwe ngamaketanga phakathi kwabo b onke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda ababeyakuthunjelwa eBabele.

UJeremiya 41:10

U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa , amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa , uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka -Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana k aNethaniya wabathumba , wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.

UJeremiya 43:6

abesilisa, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi , nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yab alindi ayebashiyile kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki indodana kaNeriya,

UJeremiya 52:12

Ngenyanga yesihlanu , ngolweshumi lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyag alolunye wenkosi uNebukadinesari , inkosi yaseBabele , kwafika uNebuzaradani induna yabalindi , inceku yenkosi yaseBabele , eJerusalema.

UJeremiya 52:15

Abantu abathile abayizimpofana, nabantu abaseleyo ababesele emzini , nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele , nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.

UJeremiya 52:16

Kepha uNebuzaradani induna yabalindi washiya abantu abathile bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.

UJeremiya 52:26

UNebuzaradani, induna yabalindi , wabathatha, wabayisa enkosini yaseBabele eRibila.

UJeremiya 52:30

Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaNebukadinesari uNebuzaradani induna yabalindi wathumba abaJuda, abantu abangamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nanhlanu . Bonke abantu babe yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha. Ukukhululwa kukaJehoyakini