"ungapheli"
5 occurrences in ZUL
ungesabi, ngokuba mina nginawe ; ungapheli amandla , ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho ; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza , yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Wena ndodana yomuntu , ungabesabi, ungesabi namazwi abo , noma amakhakhasi nameva kukuwe , uhlezi phakathi kwawofezela ; ungawesabi amazwi a bo, ungapheli am andla ngobuso babo , ngokuba bayindlu ehlubukayo.
Ngenze ibunzi lakho njengedayimani , elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo.
Ngalokho bopha izinkalo zakho , usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo , funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.
Kepha unges abi wena Jakobe , nceku yami, ungapheli amandla , Israyeli, ngokuba bheka , ngiyakukusindisa usekude , nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.