Skip to Content

"ungitshele"

9 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 9:18

USawule wayesesondela kuSamuweli esangweni , wathi: Ake ungitshele ukuthi iphi indlu yomboni.

2 uSamuweli 1:4

UDavide wayesethi kuye : Bekunjani na ? Ake ungitshele . Wathi: Abantu babalekile empini , nabantu abani ngi bawile , bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.

AbAhluleli 16:10

Wayesethi uDelila kuSamsoni : Bheka, udlale ngami , wangitshela amanga; ake ungitshele manje ukuthi ungaboshwa ngani.

AbAhluleli 16:6

UDelila wathi kuSamsoni : Ake ungitshele ukuthi amandla akho amakhulu aphi nokuthi ungaboshwa ngani, unqotshwe.

NgokukaJohane 4:39

AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: Ungitshele konke engikwenzileyo.

UGenesise 24:23

Wena uyindodakazi kabani na ? Ake ungitshele. Kukhona indawo endlini kayihlo ukuba silale na?

UGenesise 32:29

UJakobe wayesembuza ethi: Ake ungitshele igama lakho. Wathi: Ubuzelani igama lami na? Wayesembusisa khona.

UGenesise 37:16

Wathi: Ngifuna abafowethu; ake ungitshele ukuthi baluselaphi.

UJoshuwa 7:19

UJoshuwa wayesethi ku -Akani: Ndodana yami , ake umnike uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli inkazimulo , uvume kuye , ungitshele okwenzileyo , ungangifihleli.