Skip to Content

"ungukristu"

20 occurrences in ZUL

1 kaJohane 2:22

Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana.

1 kaJohane 5:1

Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNk ulunkulu, nalowo othanda ozeleyo uthanda naye ozelwe nguye.

IzEnzo 17:3

ebavulela, ebachasisela ukuthi kwakumelwe ukuba uKristu ahlupheke , avuke kwabafileyo, ethi futhi: UJesu lo engimshumayela kini unguKristu.

IzEnzo 18:28

ngokuba waphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu , ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.

IzEnzo 18:5

Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya , uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.

IzEnzo 9:22

Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu.

NgokukaJohane 10:24

Base bemhaqa abaJuda bethi kuye : Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.

NgokukaJohane 11:27

Wathi kuye: Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza ezweni.

NgokukaJohane 20:31

Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.

NgokukaJohane 7:26

Bheka, ukhuluma obala , kabasho lutho kuye . Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na?

NgokukaJohane 7:41

Abanye bathi : Lo unguKristu . Kepha abanye bathi : Kanti uKristu uvela eGalile na?

NgokukaJohane 9:22

Abazali bakhe basho lokho , ngokuba besaba abaJuda . Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.

NgokukaLuka 22:67

bathi: Uma unguKristu , sitshele. Wathi kubo: Uma nginitshela , anisoze nakholwa;

NgokukaLuka 3:15

Abantu besabhekile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohan e ukuthi ingabe unguKristu yini,

NgokukaLuka 4:41

Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi : Wena uyiNdodana kaNkulunkulu. Kepha wawakhuza , kawavumelanga ukuba akhulume , ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.

NgokukaLuka 9:20

Wayesethi kubo: Nina-ke nithi ngingubani na ? UPetru waphendula wathi : UnguKristu kaNkulunkulu.

NgokukaMarku 14:61

Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza , wathi kuye: UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?

NgokukaMarku 8:29

Wayesebabuza ethi : Nina-ke nithi ngingubani na ? UPetru waphendula, wathi kuye: Wena unguKristu.

NgokukaMathewu 16:16

USimoni Petru waphendula wathi : Wena unguKristu , iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.

NgokukaMathewu 26:63

Kepha uJesu wathula . Wayesethi kuye umpristi omkhulu : Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu , iNdodana kaNkulunkulu.