"unina"
71 occurrences in ZUL
Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini , ngokuba wayenzela u -Ashera isithombe esinengekayo ; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.
U-Eliya wayesethatha umntwana , wamehlisa ekamelweni eliphezulu , wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi u-Eliya: Bheka, indodana yakho isiyaphila.
UNathani wathi kuBati Sheba unina kaSolomoni: Awuzwanga yini ukuthi u- Adoniya indodana kaHagiti uyabusa, uDavide inkosi yethu engakwazi, na?
Wayesefika u-Adoniya indodana kaHagiti kuBati Sheba unina kaSolomoni . Wathi: Uze nokuthula na? Wathi yena: Yebo, ngize nokuthula.
Wayesehamba uBati Sheba, waya enkosini uSolomoni ukuba amkhulumele u-Adoniya kuyo. Inkosi yasukuma ukumhlangabeza, yamkhothamela, yahlala esihlalweni sayo sobukhosi , yambekela unina wenkosi isihlalo , wahlala ngakwesokunene sayo.
UJabesi wayetuseka kunabafowabo ; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi, ethi: Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.
Futhi unina wamenzela ijazana , waliyisa kuye iminyaka ngeminyaka esenyuka nomyeni wakhe ukuyonikela ngomhlatshelo weminyaka yonke.
U-Athaliya unina ka-Ahaziya esebonile ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wachitha yonke imbewu yenkosi.
Unina womntwana wathi : Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Wayesesuka wamlandela.
Wamsusa uMahakha unina ka -Asa inkosi ebukhosikazini , ngokuba wayemenzele u -Ashera isithombe esinengekayo ; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.
Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda.
Naye wahamba ngezindlela zendlu ka -Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.
U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U- Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu -Itira umIsrayeli , owangena ku -Abigali indodakazi kaNahashi , udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.
Yena wathi kunina : Lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyo mali ikimi; ngayithatha. Unina wathi: Mayibusiswe nguJehova indodana yami.
Wabuyisela kunina lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ; unina wathi: Ngiyangcwelisa impela leli siliva kuJehova esandleni sami , libe ngelendodana yami ukuba kwenziwe isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo ; manje ngiyakulibuyisela kuwe.
Kepha walibuyisela isiliva kunina , unina wathatha izinhlamvu ezingamakhulu amabili zesiliva , wazinika umkhandi wesiliva owenza ngazo isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; zase zihlala endlini kaMika.
Wabheka efasiteleni , wamemeza, unina kaSisera wathi eheleni : Inqola yakhe ilibalelani ukufika na? Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?
Ngahamba kungathi bekungumngane wami nomfowethu ; njengokhalela unina ngakhothama ngokulila.
nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi : IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA
Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise , kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.
Ochitha uyise noxosha unina uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.
Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha , kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.
Kukhona isizukulwane esithuka uyise, esingabusisi unina.
Sekumkhanyele lokho , wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku, lapho bebebuthene khona abaningi bekhuleka.
Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane , noMariya unina kaJesu, nabafowabo. Ukukhethwa kukaMathiya abe ngomunye wabaphostoli esikhundleni sikaJuda
Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.
Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona , wathi kunina: Mame, bheka indodana yakho.
Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile ; wayekhona lapho unina kaJesu.
Kwathi ukuba lisweleke iwayini , unina kaJesu wathi kuye : Kabanalo iwayini.
Wathi unina ezincekwini: Nayikuphi akusho kini anokwenza.
bayakwahlukana, uyise nendodana , indodana noyise ; unina nendodakazi , indodakazi nonina ; uninazala nomalokazana wakhe , umalokazana noninazala.
Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na?
Unina wayesephendula ethi: Qhabo, uzakuthiwa uJohane.
KwakungoMariya Magdalena , noJowana, noMariya unina kaJakobe ; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho.
USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina : Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo --
Bathi bemb ona, bamangala; unina wathi kuye: Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.
Wehla nabo , wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe.
Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina.
Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku.
UJesu wathi : Ngiqinisile ngithi kini : Akukho muntu oshiye indlu , noma abafowabo, noma odadewabo , noma unina , noma uyise , noma abantwana , noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli,
Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena , noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose , kanye noSalome
OMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho abekwa khona.
Selidlulile isabatha , oMariya Magd alena, noMariya unina kaJakobe , noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.
Kwase kufika unina nabafowabo , bema ngaphandle , bathumela kuye bembiza.
Laletha ikhanda lakhe ngoqwembe , layinika intombazana , intombazana yamnika unina.
Ngokuba uMose wathi : Yazisa uyihlo nonyoko , nokuthi: Othuka uyise noma unina makafe nokufa;
anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho.
Esashumayela ezixukwini , bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
Lo akasiyo indodana yombazi na ? Unina kathiwa uMariya , nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na?
Ngokuba uNkulunkulu wathi: Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Othuka uyise noma unina makafe nokufa.
akayikwazisa uyise noma unina ; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.
Nalowo oshiye izindlu , noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina , noma abantwana, noma amazwe ngenxa yeg ama lami , uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.
Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje : unina uMariya esemiselwe uJosefa , bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.
Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye.
phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena , unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Ukumbelwa kukaJesu (Mark. 15:42; Luk. 23:50; Joh. 19:38)
Zase zingena endlini , zabona umntwa na noMariya unina , zawa phansi , zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka.
Indodakazi kaFaro yathi kuye : Hamba. Yasuka intombazana, yabiza unina wengane.
Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda , unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane,
kepha uvumele unina ukuba asuke , wena uzithathele amazinyane ukuba kube kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho.
Makaqalekiswe odelela uyise noma unina. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
Wahlala ehlane lasePharanu ; unina wamtha thela umfazi ezweni laseGibithe. Isivumelwano sika-Abrahama no-Abimeleki
UJakobe wathi kuRebeka unina: Bheka, umnewethu ungumuntu oyinundu, mina ngiluqwatha.
Unina wayesethi kuye : Isiqalekiso sakho , ndodana yami , masibe phezu kwami; lalela izwi lami, uhambe ukungithathela wona.
Wayesehamba-ke, wawathatha, wawayisa kunina; unina walungisa isilovela njengalokho akuthandayo uyise.
U-Isaka wayesemmukisa uJakobe , waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBe tuweli umAramu , umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no- Esawu.
Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho , zichithwe zonke izinqaba zakho , njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.
Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi : Ngiyakulandela izithandwa zam i ezinginika isinkwa sami namanzi ami , uboya bami bezimvu nefilakisi lami , amafutha ami nokuphuza kwami.
Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise , nigcine amasabatha ami ; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Ngokuba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa ; uthukile uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.
ngaphandle kwezihlobo ezinyamanye naye , okungukuthi unina , noyise, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, nomfowabo,
Ngokuba indodana idelela uyise ; indodakazi ivukela unina ; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.