Skip to Content

"unowa"

26 occurrences in ZUL

2 kaPetru 2:5

nezwe lamandulo engaliyekanga , kodwa wamlondoloza uNowa , umshumayeli wokulunga , engowesishiyagalombili, mhla elet ha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu;

KumaHeberu 11:7

Ngokukholwa uNowa exwayisiwe nge zinto ebezingakabonwa , esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe , okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.

NgokukaLuka 17:27

Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.

NgokukaMathewu 24:38

Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla , bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,

UGenesise 5:29

Waqamba igama layo ngokuthi uNowa , ethi: Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.

UGenesise 5:32

UNowa wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu ; uNowa wazala oShemi, noHamu, noJafete.

UGenesise 6:10

UNowa wazala amadodana amathathu: ngoShemi, noHamu, noJafete.

UGenesise 6:22

UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.

UGenesise 6:8

Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova.

UGenesise 6:9

Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa . UNowa wayeyindoda eqotho , engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.

UGenesise 7:13

Ngalolo suku uNowa wangena em khunjini noShemi , noHamu, noJafete, amadodana kaNowa , nomkaNowa, nabafazi bobathathu bamadodana akhe bekanye nabo,

UGenesise 7:23

Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba , abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo , nezinyoni zezulu ; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa ka nye nakho okwakukhona naye emkhunjini.

UGenesise 7:5

UNowa wakwenza konke njengalokho emyalile uJehova.

UGenesise 7:6

UNowa wayeneminyaka engamakhulu ayisithupha mhla uzamcolo wamanzi efika emhlabeni.

UGenesise 7:7

UNowa wangena emkhunjini namadodana akhe , nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye ngenxa yamanzi kazamcolo.

UGenesise 7:9

kwangena ngambili emkhunjini kuNowa , iduna nensikazi , njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa.

UGenesise 8:1

UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa , nezilwane zonke , nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini . UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba , amanzi abohla.

UGenesise 8:11

Ijuba lafika kuye ngakusihlwa ; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni.

UGenesise 8:13

Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emh labeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile.

UGenesise 8:18

Wayesephuma uNowa namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye.

UGenesise 8:20

UNowa wamakhela uJehova i -altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyon i ezihlambulukileyo , wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.

UGenesise 8:6

Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile.

UGenesise 9:1

UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe , wathi kubo : Zalani nande, nigcwalise umhlaba.

UGenesise 9:20

UNowa waqala waba ngumlimi, watshala isivini.

UGenesise 9:24

UNowa waphaphama ekudakweni , wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.

UGenesise 9:28

Emva kukazamcolo uNowa wahamba iminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisihlanu.