Skip to Content

"upetru"

101 occurrences in ZUL

1 kaPetru 1:1

UPetru, umphostoli kaJesu Kristu , kwabayizihambi abahlakazekile ePontu , naseGalathiya, naseKhaphadosiya, nase-Asiya, naseBithiniya,

1 kaPetru 1:12

abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona. UPetru ukhuthaza abakholwayo ukuba bahambe ngobungcwele

1 kaPetru 1:2

bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu : Makwandiswe kinina umusa nokuthula. UPetru ubonga uNkulunkulu ngethemba eliphilileyo labakholwayo

IzEnzo 10:14

Kepha uPetru wathi : Qha, Nkosi, ngokuba angizange ngikudle okuyichilo nokungcolileyo.

IzEnzo 10:17

UPetru esasambathekile ngokuthi ngakube uyini lowo mbono awubonileyo , bheka, amadoda ayethunyiwe nguKorneliyu, esebuzile indlu kaSimoni , ema ngasesangweni,

IzEnzo 10:18

amemeza ebuza ukuthi uSimoni othiwa uPetru ungenisile yini lapho.

IzEnzo 10:19

UPetru esazindla ngombono , uMoya wathi kuye : Bheka, amadoda amabili ayakufuna;

IzEnzo 10:21

UPetru wayesehlela kuwo amadoda , wathi: Bhekani, yimina enimfunayo ; kuyindabani enize ngayo na?

IzEnzo 10:25

Kwathi ukuba angene uPetru , uKorneliyu wamhlangabeza , wawa phansi ngasezinyaweni zakhe, wakhuleka.

IzEnzo 10:26

Kepha uPetru wamvusa wathi: Sukuma, nami ngingumuntu nje.

IzEnzo 10:32

Ngakho thumela eJopha , ubize uSimoni othiwa uPetru ; yena ungenisile endlini kaSimoni umshuki ngaselwandle.

IzEnzo 10:34

Khona uPetru wavula umlomo , wathi: Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,

IzEnzo 10:44

Kwathi uPetru esakhuluma lawo mazwi , uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi.

IzEnzo 10:46

Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi , betusa uNkulunkulu . Khona uPetru waphendula wathi:

IzEnzo 10:5

Thuma-ke amadoda eJopha, ubize uSimoni othile othiwa uPetru;

IzEnzo 10:8

wabalandisa konke, wabathumela eJopha. UPetru wehlelwa yisiyezi

IzEnzo 10:9

Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha.

IzEnzo 11:13

Yasibikela-ke ukuthi yayibonile ingelosi imi endlini yayo , ithi: Thumela eJopha, ulande uSimoni othiwa uPetru

IzEnzo 11:2

Kwathi ukuba uPetru enyukele eJerusalema, abokusoka baphikisana naye,

IzEnzo 11:4

Kepha uPetru wabathathela konke ngokulandelana, wathi:

IzEnzo 12:11

UPetru esesangulukile wathi : Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo , yangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.

IzEnzo 12:14

isilizwile izwi likaPetru ayivulanga esangweni ngenxa yokuthokoza, kepha yagijima yabika ukuthi uPetru umi ngasesangweni.

IzEnzo 12:16

Kepha uPetru waqinisa wangqongqotha ; sebevulile babona ukuthi nguye , bamangala.

IzEnzo 12:18

Sekusile, kwaba khona ukunyakaza okukhulu phakathi kwamabutho kokuthi uPetru wehlelwe yini.

IzEnzo 12:5

Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.

IzEnzo 12:6

Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa , ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili , eboshiwe ngamaketanga amabili , nabalindi phambi komnyango begcina itilongo.

IzEnzo 12:7

Bheka, yafika ingelosi yeNkosi , kwakhanya ukukhanya etilongweni , yamshaya uPetru ohlangothini , yamvusa ithi : Shesha usuk ume. Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.

IzEnzo 15:7

Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.

IzEnzo 1:15

Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane , isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:

IzEnzo 2:14

Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye , waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo : Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.

IzEnzo 2:38

UPetru wayesethi : Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethele lwa kwezono zenu ; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.

IzEnzo 3:1

UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka , elesishiyagalolunye.

IzEnzo 3:10

Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli , behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye. UPetru ukhuluma ngoKristu ukuthi uyiNkosi yokuphila

IzEnzo 3:12

Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na?

IzEnzo 3:4

Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: Sibheke!

IzEnzo 3:6

Kodwa uPetru wathi : Isiliva negolide anginalo ; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.

IzEnzo 4:8

Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo : Nina babusi bezizwe namalunga,

IzEnzo 5:15

ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo , bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo.

IzEnzo 5:29

Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi : Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.

IzEnzo 5:3

Wayesethi uPetru : Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele , ugodle inxenye yemali yezwe , na?

IzEnzo 5:8

UPetru wayesethatha ethi : Ngitshele ukuba izwe nilithengise ngokungaka na? Wathi: Yebo, ngokungaka.

IzEnzo 5:9

Kepha uPetru wathi kuye : Kungani ukuba nivume lene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango , nawe bazakukukhiphela phandle.

IzEnzo 8:20

Kepha uPetru wathi kuye : Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe , ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.

IzEnzo 9:31

Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya , naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi , landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele. UPetru uphilisa u-Eneya

IzEnzo 9:32

Kwathi uPetru ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida.

IzEnzo 9:34

Khona uPetru wathi kuye: Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho. Wayesevuka masinyane.

IzEnzo 9:35

Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini. UPetru uvusa uThabitha kwabafileyo

IzEnzo 9:38

Kepha iLida laliseduze neJopha ; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho , bathuma kuye amadoda amabili emnceng a ethi : Ungalibali ukuza kithi.

IzEnzo 9:39

Wayesesuka uPetru , wahamba nabo . Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala , bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.

IzEnzo 9:40

Kepha uPetru wabakhipha bonke , waguqa ngamadolo , wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: Thabitha, vuka! Wayesevula amehlo akhe , wabona uPetru, walulama.

KwabaseGalathiya 2:8

ngokuba yena owanika uPetru amandla ukuba abe ngumphostoli wabasokayo wanginika nami amandla ukuba ngibe ngumphostoli wabezizwe,

NgokukaJohane 13:37

Wathi kuye uPetru: Nkosi, ngingekulandele kalokhu ngani na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.

NgokukaJohane 13:8

UPetru wathi kuye : Awusoze wageza izinyawo zami naphakade . UJesu waphendula wathi: Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.

NgokukaJohane 18:16

kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu , wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru. Ukuphika kukaPetru (Math. 26:69; Mark. 14:66; Luk. 22:54)

NgokukaJohane 18:26

Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPetru abeyinqumile, yathi: Angikubonanga yini mina ensimini unaye na?

NgokukaJohane 18:27

Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude. UJesu ephambi kukaPilatu (Math. 27:11; Mark. 15:1; Luk. 23:1)

NgokukaJohane 1:42

Wamyisa kuJesu ; uJesu wambheka wathi : Wena unguSimoni kaJona ; uzakubizwa ngokuthi uKhefase, okuhunyushwa ngokuthi uPetru.

NgokukaJohane 20:3

Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni.

NgokukaJohane 21:17

Wathi kuye ngokwesithathu : Simoni kaJona , uyangithanda na ? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu : Uyangithanda na ? Wathi kuye: Nkosi, wazi konke wena , uyazi ukuthi ngiyakuthan da. UJesu wathi kuye: Yipha izimvu zami.

NgokukaJohane 21:20

UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela , oyena futhi wayencike esifubeni sakhe ekudleni , nowathi: Nkosi, ngubani ozakukukhaphela na?

NgokukaJohane 21:21

Kuthe uPetru embona lowo, wathi kuJesu: Nkosi, kepha lona, pho?

NgokukaLuka 12:41

UPetru wayesethi kuye: Nkosi, usilandisa thina lo mfanekiso nokuba bonke na?

NgokukaLuka 18:28

Wayesethi uPetru: Bheka, thina sishiye okwethu, sakulandela.

NgokukaLuka 22:54

Base bembamba, bamuka naye, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude.

NgokukaLuka 22:55

Sebebasile umlilo phakathi egcekeni bahlala phansi ndawony e; uPetru wahlala phakathi kwabo.

NgokukaLuka 22:58

Emva kwesikhashana omunye wambona , wathi: Nawe ungomunye wabo . Kepha uPetru wathi: Muntundini, angisiye.

NgokukaLuka 22:60

Kepha uPetru wathi : Muntundini, angikwazi ukuthi uthini . Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude.

NgokukaLuka 22:61

INkosi yayisiphendu ka, yambheka uPetru . UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye : Iqhude lingakakhali namhlanje , uzakungiphika kathathu.

NgokukaLuka 24:12

Khona uPetru wasuka , wagijimela ethuneni , wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo. Abafundi abaya e-Emawuse

NgokukaLuka 6:14

uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru , no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu,

NgokukaLuka 8:45

UJesu wathi : Ngubani ongithintileyo na ? Bephika bonke , wathi uPetru nababe naye: Nkosi, izixuku ziyakuminyanisa, zikucindezele.

NgokukaLuka 9:20

Wayesethi kubo: Nina-ke nithi ngingubani na ? UPetru waphendula wathi : UnguKristu kaNkulunkulu.

NgokukaLuka 9:32

UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo ; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye.

NgokukaLuka 9:33

Kwathi ekwahlukaneni kwawo naye uPetru wathi kuJesu : Nkosi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho , elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya; wayengazi ukuthi uthini.

NgokukaMarku 10:28

UPetru wathatha, wathi kuye: Bheka, thina sishiye konke, sakulandela.

NgokukaMarku 11:21

UPetru ekhumbula wathi kuye : Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.

NgokukaMarku 14:29

UPetru wathi kuye: Noma beyakukhubeka bonke, hhayi mina.

NgokukaMarku 14:54

UPetru wamlandela ekude , waze wangena egcekeni lompristi omkhulu ; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo.

NgokukaMarku 14:66

UPetru esesegcekeni ngaphansi , kwafika enye yamantombazana ompristi omkhulu,

NgokukaMarku 14:67

yambona uPetru otha, yambheka, yathi: Nawe ubunoJesu waseNazaretha.

NgokukaMarku 14:72

Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili . UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi : Iqhude lingakakhali kabili , uzakungiphika kathathu; wakhala nokukhala izinyembezi.

NgokukaMarku 3:16

Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru,

NgokukaMarku 8:29

Wayesebabuza ethi : Nina-ke nithi ngingubani na ? UPetru waphendula, wathi kuye: Wena unguKristu.

NgokukaMarku 8:32

Leli zwi walikhuluma ngokusobala. UPetru wamthatha, waqala ukumkhuza.

NgokukaMarku 8:33

Kepha waphenduka , wabheka abafundi bakhe , wamkhuza uPetru , wathi: Buyela emva kwami , Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.

NgokukaMarku 9:5

Wathatha uPetru , wathi kuJesu : Rabi, kuhle ukuba silapha ; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.

NgokukaMathewu 10:2

Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa : owokuqala nguSimoni othiwa uPetru , no-Andreya umfowabo , noJakobe kaZebedewu , noJohane umfowabo,

NgokukaMathewu 14:28

UPetru wayesephendula , wathi kuye : Nkosi, uma kunguwe , yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.

NgokukaMathewu 14:29

Wayesethi: Woza. Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu.

NgokukaMathewu 15:15

UPetru waphendula, wathi kuye: Sichasisele lo mfanekiso.

NgokukaMathewu 16:22

UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza , wathi: Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.

NgokukaMathewu 17:4

Wathatha uPetru wathi kuJesu : Nkosi, kuhle ukuba silapha . Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu , elinye libe ngelakho , elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.

NgokukaMathewu 18:21

Khona kwasondela uPetru , wathi kuye: Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?

NgokukaMathewu 19:27

Khona uPetru wathatha wathi kuye : Bheka, thina sishiye konke , sakulandela. Pho, siyakutholani na?

NgokukaMathewu 26:33

UPetru waphendula , wathi kuye : Noma bonke beyakukhubeka ngawe , mina angisoze ngakhubeka.

NgokukaMathewu 26:35

UPetru wayesethi kuye : Noma ngingaze ngife nawe , angisoze ngakuphika. Basho njalo nabafundi bonke. EGetsemane (Mark. 14:32; Luk. 22:39)

NgokukaMathewu 26:37

Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu , waqala ukuba nomunyu nosizi.

NgokukaMathewu 26:58

Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi , wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino.

NgokukaMathewu 26:69

Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni ; kweza kuye intombazana, yathi: Nawe ubunoJesu waseGalile.

NgokukaMathewu 26:75

UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi : Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu . Waphumela phandle , wakhala kamunyu.

NgokukaMathewu 4:18

UJesu ehamba ngaselwandle lwase Galile wabona izelamani ezimbili , uSimoni othiwa uPetru no -Andreya umfowabo , bephonsa inetha elwandle ; ngokuba babe ngabadobi.