Skip to Content

"uphakeme"

14 occurrences in ZUL

1 iziKronike 29:11

Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho ; ngowakho umbuso , Jehova; wena uphakeme , uyinhloko phezu kwakho konke.

AmaHubo 113:4

UJehova uphakeme phezu kwezizwe zonke , inkazimulo yakhe iphezu kwezulu.

AmaHubo 47:9

Izikhulu zabantu zibuthene , zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka -Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.

AmaHubo 92:8

Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.

AmaHubo 97:9

Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke , uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke.

AmaHubo 99:2

UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.

U-Eksodusi 15:1

Base behlabelela uMose nabantwana bakwa -Israyeli leli gama , bekhuluma bethi: Ngizakuhlabelela kuJehova , ngokuba uphakeme kakhulu ; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.

U-Eksodusi 15:21

UMiriyamu wabaphendula ngokuthi : Hlabelelani kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle. Amanzi ababayo aseMara

U-Isaya 16:6

Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu , nangokuzidla kwakh e nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakh e nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.

U-Isaya 33:5

UJehova uphakeme , ngokuba uhlala phezulu ; uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.

U-Isaya 5:16

kepha uJehova Sebawoti uphakeme ekwahluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.

UHezekeli 31:10

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu , nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo,

UJobe 36:22

Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe ; ngubani ofundisa njengaye na?

UJobe 36:26

Bheka, uNkulunkulu uphakeme , asimqondi; umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.