"uphondo"
27 occurrences in ZUL
USadoki umpristi wathatha uphondo lwamafutha etendeni , wamgcoba uSolomoni. Babetha amacilongo , bonke abantu bathi : Mana njalo , nkosi Solomoni.
uphondo lwangaphansi lwaluyizingalo eziyisihlanu ububanzi balo , noluphakathi lwaluyizingalo eziyisithupha ububanzi balo , nolwesithathu lwaluyizingalo eziyisikhombisa ububanzi balo ; ngokuba ngaphandle wenza uqaqa endlini nxazonke, ukuze imishayo ingangeni ezindongeni zendlu.
bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenk osi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe ; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.
UJehova wathi kuSamuweli : Uyakumkhalela kuze kube nini na ? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka -Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha , uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.
USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha , wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehl ela phezu kukaDavide ngamandla , kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama. UDavide uya endlunkulu
UHana wakhuleka wathi : Inhliziyo yami iyethaba kuJehova , uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho.
Abalwa noJehov a bayakuphahlazwa; uyakuduma ezulwini phezu kwabo ; uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba , anike inkosi yakhe amandla , aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.
Uyaphana, uyabanika abampofu ; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.
Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide , ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.
Usephakamisile uphondo lwab antu bakhe ; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe , abantwana bakwa -Israyeli, abantu abaseduze naye . Haleluya!
Ngithe kwabazidlayo: Ningazidli, nakwababi: Ningaphakamisi uphondo.
Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu, ningajoqi ngentamo elukhuni.
Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo ; ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.
Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye ; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.
Kepha uphondo lwami uyaluphak amisa njengolwenyathi , ngigcotshwa ngamafutha amasha.
UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo ; ubhidlizile engenasihawu , wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.
Yasivusela uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yayo,
Ngabuka izimpondo ; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo , oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka , kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu , nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.
Impongo iyinkosi yaseJavini ; uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala.
Impongo yayisizikhulisa kakhulu ; kwathi lapho isinamandla , uphondo olukhulu lwaphuka; esikhundleni salo kwamila ezine ziqhamela ngasemimoyeni yomine yezulu.
Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, nangasempumalanga, nangasezweni elihle.
Abantu baseDedani babe ngabathengi bakho , iziqhingi eziningi zaziyizindawo zokuthengelana zesandla sakho ; babuyisela kuwe uphondo lwendlovu ne-eboni, kwaba yisipho sakho.
Ngalolo suku ngiya kuhlumisa uphondo endlini ka -Israyeli, ngikuvumele ukuba uvule umlomo phakathi kwabo, bazi ukuthi nginguJehova.
Uphondo lukaMowabi lunqunyiwe, ingalo yakhe yaphukile, usho uJehova.
Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami . ngingcolisile uphondo lwami othulini.
Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili nalapho nil izwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu , ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo , abantu bakhuphuke , yilowo nalowo aqonde phambili nje.
Suka ubhule , ndodakazi yaseSiyoni , ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi , nezinselo zakho ngizenze insimbi ; uyakuchoboza abantu abaningi, kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.