"uquqaba"
5 occurrences in ZUL
IzEnzo 25:24
UFestu wathi : Nkosi, Agripha, nani nonke nina madoda enikhona lapha kanye nathi , niyambona lona oluze ngaye kimi lonke uquqaba lwabaJuda eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuba abe esaphila.
IzEnzo 2:6
kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.
NgokukaLuka 23:1
Kwase kusuka uquqaba lonke, lwamyisa kuPilatu.
NgokukaLuka 2:13
Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini , lumdumisa uNkulunkulu, luthi:
NgokukaMathewu 13:2
Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini.