Skip to Content

"urehobowamu"

27 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:43

USolomoni wayeselala koyise , wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 AmaKhosi 12:1

URehobowamu waya eShekemi , ngokuba wonke u -Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi.

1 AmaKhosi 12:17

Kepha abantwana bakwa -Israyeli abakhe emizini yakwaJuda , uRehobowamu wabusa phezu kwabo.

1 AmaKhosi 12:18

Inkosi uReho bowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi ; u- Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.

1 AmaKhosi 12:21

URehobowamu es efikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini , abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili , amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.

1 AmaKhosi 12:6

Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise, esekhona, yathi: Nina ningeluleka ukubuyisela mpenduloni kulaba bantu na?

1 AmaKhosi 14:21

URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda . URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe ; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.

1 AmaKhosi 14:25

Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu , uShishaki inkosi yaseGibithe wenyukela eJerusalema.

1 AmaKhosi 14:27

Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo , yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi.

1 AmaKhosi 14:31

URehobowamu wayeselala koyise , wembelwa koyise emzini kaDavide ; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni. U-Abiyamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 10:1

URehobowamu waya eShekemi , ngokuba wonke u -Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi.

2 iziKronike 10:13

Inkosi yabaphendula kalukhuni ; inkosi uRehobowamu yalahla isiluleko samalunga,

2 iziKronike 10:17

Kepha abantwana bakwa -Israyeli abakhe emizini yakwaJuda , uRehobowamu wabusa phezu kwabo.

2 iziKronike 10:18

Inkosi uRehobowamu yathuma u -Adoramu owayephezu kwezisebenzi ; abantwana bakwa -Israyeli bamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.

2 iziKronike 10:6

Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise esekhona , yathi: Nina ningeluleka ukubuyisela mpenduloni kulaba bantu na?

2 iziKronike 11:1

URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili , amabutho, ukuba balwe no -Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu.

2 iziKronike 11:17

Base bewuqinisa -ke umbuso wakwaJuda , benza uRehobowamu indodana kaSolomoni waba namandla iminyaka emithathu , ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni. Abafazi nabantwana bakaRehobowamu

2 iziKronike 11:18

URehobowamu wazithathela umfazi , uMahalati, indodakazi kaJerimoti indodana kaDavide neka-Abihayili, indodakazi ka-Eliyabe, indodana kaJese.

2 iziKronike 11:21

URehobowamu wamthanda uMahakha indodakazi ka-Abisalomu phezu kwabo bonke abafazi bakhe nezancinza zakhe , ngokuba wathatha abafazi abayishumi nesishiyagalombili nez ancinza ezingamashumi ayisithupha , wazala amadodana angamashumi amabili nesishiyagalombili namadodakazi angamashumi ayisithupha.

2 iziKronike 11:22

URehobowamu wabeka u -Abiya, indodana kaMahakha, abe yinhloko, abe ngumbusi phakathi kwabafowabo, ngokuba wacabanga ukumbeka inkosi.

2 iziKronike 11:5

URehobowamu wahlala eJerusalema , wakha imizi ukuba ibe yizinqaba kwaJuda.

2 iziKronike 12:10

Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo , yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi.

2 iziKronike 12:13

Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa -ke eJerusalema yabusa , ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa ; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa -Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi.

2 iziKronike 12:16

URehobowamu wayeselala koyise , wembelwa emzini kaDavide ; u-Abiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 12:2

Kepha kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu , uShishaki inkosi yaseGibithe wakhuphukela eJerusalema , ngokuba babephambukile kuJehova,

2 iziKronike 13:7

Kwabuthana kuye amayiyane , abantu ababi , aziqinisa ukulwa noRehobowamu indodana kaSolomoni , uRehobowamu esemusha, inhliziyo isathambile, engenakumelana nawo.

2 iziKronike 9:31

USolomoni wayeselala koyise , wembelwa emzini kaDavide uyise ; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.