Skip to Content

"usarayi"

8 occurrences in ZUL

UGenesise 11:30

USarayi wayeyinyumba, engenamntwana.

UGenesise 12:5

U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe , noLoti indodana yomfowabo , nempahla yonke ababeyibuthile , nezinceku ababezitholile eHarana ; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani. Ukufika kuka-Abrama eKhanani

UGenesise 16:1

USarayi umka -Abrama wayengamzaleli mntwana ; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari.

UGenesise 16:2

USarayi wathi ku -Abrama: Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami ; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo . U- Abrama walalela izwi likaSarayi.

UGenesise 16:3

USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe , incekukazi yakhe , wamnika u -Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe , u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.

UGenesise 16:5

USarayi wathi ku -Abrama: Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho . Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo ; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.

UGenesise 16:6

U-Abrama wathi kuSarayi: Bheka, incekukazi yakho isesandleni sakho; yenza kuyo okufanele emehlweni akho . USarayi wayilaya, yabaleka ebusweni bakhe.

UGenesise 17:15

UNkulunkulu wathi ku -Abrahama: USarayi umkakho awu sayikumbiza ngegama lokuthi uSarayi, kepha igama lakhe alibe nguSara.