"usuku"
174 occurrences in ZUL
umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala ; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo , nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho.
ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.
Wathi uSawule : Hlakazekelani phakathi kwabantu , nithi kubo : Lethani kimi, kube yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi . Bonke abantu baletha , kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobo b usuku ngesandla sakhe , bazihlaba khona.
Abantu bakaDavide bathi kuye : Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho . Wayesesuka uDavide , wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.
UDavide wathi: Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe.
UJehova wayishaya inkosi , yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo . UJothamu, indodana yenkosi , wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.
U-Uziya, inkosi, wayesengonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwakhe , wahlala endlini eyahlukanisiweyo, lokhu engonochoko, ngokuba wanqunywa endlini kaJehova . UJothamu indodana yakhe wayephezu kwendlu yenkosi , ahlulela abantu bezwe.
iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu , kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,
Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.
kepha izulu nomhlaba okuk hona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.
Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.
ukuba ningasheshi ninyak aziswe engqondweni yenu , ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi , sengathi usuku lukaKristu selufikile.
UJowabe wathi kuye : Awuyikuba ngumbiki wendaba namuhla , kepha uyakubika ngolunye usuku ; namuhla awuyikubika lutho , ngokuba indodana yenkosi ifile.
Owesifazane was hesha, wagijima, wayitshela indoda yakhe , wathi kuyo : Bheka, ubonakele kimi lowo muntu owafika kimi ngolunye usuku.
Izitha zami ziyangithuka usuku lonke; abahlanya ngami bayangiqalekisa.
Yilolu usuku alwenzileyo uJehova; siyakwethaba, sithokoze ngalo.
Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.
Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema , ngenxa yabantwana bakwa - Edomi abathi: Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.
Koze kube nin i ngikhathazeka emphefumulweni wami , nginosizi enhliziyweni yami usuku lonke, na? Koze kube nini isitha sami siziphakamisa phezu kwami na?
Usuku luyalandisa usuku inkulumo, nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.
Ngihambise eqinisweni lakho , ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngilindela wena usuku lonke.
Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke.
Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho , usuku lonke ngodumo lwakho.
INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.
Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.
Abafuna umph efumulo wami bayangicupha ; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke.
Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila.
Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela , zithi kimi usuku lonke: Uphi uNkulunkulu wakho na?
Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku , ngokuba usuku lonke bathi kimi: Uphi uNkulunkulu wakho na?
Usuku lonke u kudunyazwa kwami kuphambi kwami , namahloni amboza ubuso bami
Yebo, ngenxa yakho sibulawa usuku lonke , siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa.
Sizincoma ngoNkulunkulu usuku lonke; igama lakho siyalibonga kuze kube phakade. Sela
Yiba nomusa kimi , Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwi nya; usuku lonke bayangicindezela belwa.
Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke ; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.
Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke ; yonke imicabango yabo iqonde ukungona.
Umlomo wa mi uyakulanda ukulunga kwakho , nensindiso yakho lonke usuku; ngokuba anginakukubala.
Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga ; ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.
Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena , nalo udumo lwak ho usuku lonke.
Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba , bayithandazele nja lo, bayibusise lonke usuku.
ngokuba ngahlushwa usuku lonke; kwasa ngijeziswa.
Usuku ngolwakho , nobusuku ngobakho ; nguwena owenza ukukhanya nelanga.
Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho; khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.
Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.
Yiba nomusa kimi, Nkosi, ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.
Egameni lakho siyathokoza usuku lonke ; ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa.
ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?
Ephezulu ungithumele umlil o emathanjeni ami , wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha , wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.
Bezwile ukuthi ngiyabubula , kepha anginamduduzi . Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami ; ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo . Ululethile usuku olumemezileyo, kepha ziyakuba njengami.
Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo , zincimfa, zigedla amazinyo , zithi: Siwugwinyile. Impela yilo usuku esilulindele; sesilufumene, silubonile.
Sengingohlekwayo kubantu bonke, ngihaywa usuku lonke.
UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho ; yebo, nomubi umenzele usuku olubi.
Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke, kepha olungileyo uyaphana engancishi.
Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukusindiswa kungokukaJehova.
Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni , kepha mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.
Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe; uhleka usuku oluzayo.
njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.
Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire , safika ePetolemayi , sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye.
sasuka lapho , sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye , kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili. UPawulu ufika eRoma
Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi , wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu , wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi , kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye.
Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu noluqhamileyo lweNkosi.
singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye , kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.
uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla , esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi : Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.
Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile , wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku.
Kodwa ngo -Israyeli uthi: Usuku lonke ngelulela izandla zam i kuso isizwe esingalaleliyo nesiphikayo.
Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke ; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe.
Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi ; nodlayo udlela iNkosi , ngokuba ubonga uNkulunkulu ; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi , ubonga uNkulunkulu.
Kulotshiwe ukuthi : Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke , sithiwa izimvu zokuhlatshwa.
Ngakho uJesu wathi : Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami.
U-Abrahama uyihlo wathokozela ukubona usuku lwami , walubona, wajabula.
Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.
Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika.
Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile,
Esephuma ngehora leshumi nanye wafumana abanye bemi , wathi kubo : Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?
Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla , bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,
Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukut hi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.
Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora. Umninimuzi namatalenta*
Kepha ngangomuso okungolulandela usuku lokulungisela abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu,
nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala , ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho, usho uJehova. Usuku lukaJehova
Wo kinina enifisa usuku lukaJehova ! Luyakunisizani usuku lukaJehova ? Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.
Lungubumyama usuku lukaJehova , alusikho ukukhanya , nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.
nina enidedisela kude usuku olubi, kepha nisondezile isihlalo sobudlova.
Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo ; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqa la kuze kufike usuku lwesikhombisa, labo bantu bayakunqunywa kwa-Israyeli.
Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo , kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa.
kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho ; awuyikusebenza msebenzi ngalo , wena nendodana yakho , nendodakazi yakho, nenceku yakho , nencekukazi yakho , nezinkomo zakho , nomfokazi osemzini wakho;
ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okukukho , waphumula ngosuku lwesikhombisa ; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.
Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.
Kepha uma sihlala usuku lube lunye noma zibe zimbili , akayikujeziswa, ngokuba siyimali yakhe.
Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi , kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa.
Kepha uma ifu lingenyuswanga , babengaqhubeki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo.
Ngalokho abaJuda basemaphandleni ababehlezi emizaneni engabiyelwe benza usuku lw eshumi nane lwenyanga ka -Adari lube ngolokuthokoza nolwedili nosuku oluhle nolokuthumelana izipho omunye komunye. Umkhosi wePhurimi
ukumisa ukuba bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka -Adari nosuku lweshumi nanhlanu lwayo iminyaka yonke
Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele ; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.
Bheka, usuku lukaJehova luyeza , lunonya, lunokufutheka, lunokuvutha kolaka, ukuba lwenz ize umhlaba, luchithe izoni zawo kuwo.
Umlimi, eyakutshala, ulima lonke usuku na ? Uyaduba abhuqe umhlabathi wakhe njalo na?
Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova. Usuku lukaJehova
Manje nginantoni lapha, usho uJehova, lapho abantu bami besusiwe ngeze na? Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa , usho uJehova , negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.
Ngokuba usuku l okuphindisela lwalusenhliziyweni y ami; umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.
Ngizelulile izandla zam i usuku lonke kubantu abahlubukayo , abahamba ngendlela engenhle nangokwemicabango yabo,
abathi: Hlehla, ungasondeli kimi, ngokuba ngingcwele kuwe; banjengomusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.
Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe , ungathokozi ngabantwana bak waJuda ngosuku lokuchithwa kwabo , ungaqhalazi ngosuku losizi.
Ngokuba usuku lukaJehova lusondel e ezizweni zonke ; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe ; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo ; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo , isinkwa senhlupheko , ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokuno nopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho.
Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe , amehlo akho abheke , aphele ngokuwalangazelela lonke usuku , kungabikho lutho emandleni esandla sakho.
Ngeyami impindiselo nembuyisel o ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele , izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.
NgoBenjamini wathi : Othandiweyo kaJehova uyakuhlal a elondwa nguye ; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.
usuku owema ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe , lapho uJehova wathi kimi: Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.
Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile.
kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho ; awuyikusebenza msebenzi ngalo , wena nendodana ya kho, nendodakazi yakho, nenceku yakho , nencekukazi yakho , nenkabi yakho , nembongolo yakho, nezinkomo zakho , nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho , ukuba inceku yakho nencekukazi yakho ziphumule njengawe.
Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezwe ni laseGibit he nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.
Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithathu.
Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesine.
Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesihlanu.
UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu . Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.
UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini ; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.
UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu . Kwaba ngukuhlwa , kwaba ngukusa, usuku lwesibili.
Wayesethi: Bheka, sengimdala, angilwazi usuku lokufa kwami.
UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa , walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonk e abeyidalile uNkulunkulu , wayenza.
Wathi kuye: Inkosi yami iyazi ukuthi abantwana bancane nokuthi izimvu nezinkomazi ezinami ziyizindlezane ; uma bezish ishinga usuku olulodwa , umhlambi wonke uyakufa.
Kwathi ngosuku lwesithathu , usuku lokuzalwa kukaFaro , wazenzela izinceku zakhe zonke idili , waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathizitsha nelenduna yabaphekizinkwa phakathi kwezinceku zakhe.
Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami , izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo ; ukubola kungena emathanjeni ami , ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona , ngilindela usuku lokuhlu pheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.
EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama , lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe, nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo ; lona-ke, ifu liyakulisibekela, namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.
Ngokuba usuku luseduze , usuku lukaJehova luseduze ; luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.
Bhekani usuku ! Bhekani luyeza , sekuphezu kwakho; induku iyaqhakaza; ukuzidla kuyahluma.
Isikhathi sesifikile , usuku lusondele ; umthengi makangathokozi , nomthengisi makangalili, ngokuba ukufutheka kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.
Sekufikile kuwe ohlala ezweni ; isikhathi sesifikile , usuku lusondele , olokukhathazeka, kungesilo olokujabula ezintabeni.
Abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa -Israyeli bayakubuthana ndawonye, bazimisele inhloko ibe nye , bakhuphuke ezweni , ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.
Kepha wena Jehova u yangazi, uyangibona, uvivinya inhliziyo yam i ukuthi injani kuwe ; bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa , ubalungisele usuku lokuhlatshwa.
Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela , futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; wena uyazi ; okwaphuma emlonyeni wam i kwakuphambi kobuso bakho.
Mababe namahloni abangizingelayo , kepha mina mangingabi nawo ; baphele amandla bona , mina ngingaphe li wona kodwa ; behlisele usuku lobubi, ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo. Isabatha
futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha , ningasebenzi msebenzi, kepha lungcweliseni usuku lwesabatha njengokuyala kwami oyihlo,
Kuyakuthi uma ningilalela nokungilalela , usho uJehova , ukuba ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha , nilungcwelise usuku lwesabatha ukuze ningenzi ngalo umsebenzi,
Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha , ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo , uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.
Maluqalekiswe usuku engaza lwa ngalo ; usuku umame angizala ngalo malungabusiswa.
Wangiyenga, Jehova, ngayengeka; wawunamandla kunami , wangahlula. Ngibe yinhlekiso usuku lonke, bonke bangiklolodela.
Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.
Ziyakuyiswa eBabele , zibe khona , kuze kufike usuku lokuzihambela kwami, usho uJehova. Bese ngizikhuphula, ngizibuyisele kule ndawo.
Kepha uJeremiya wasala egcekeni letilongo , kwaze kwafika usuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.
Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti , usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye . Inkemba iyakudla isuthe , izanelise ngegazi labo , ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inom hlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.
Abaqashwa balo phakathi kwalo banjengamathole akhuluphalisiweyo; nabo babuyele emuva, babaleka kanyekanye, abemanga, ngokuba usuku lwengozi yabo lubehlele, isikhathi sokuhanjelwa kwabo.
Hlabani zonke izinkunzi zalo ; mazehlele ekuhlatshweni ; wo kuzona ! Ngokuba usuku lwazo lufikile, isikhathi sokuhanjelwa kwazo.
Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo, isho iNkosi uJehova Sebawoti, ngokuba usuku lwakho lufikile, isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.
Uyazulazulela ukudla : kuphi na ? Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selungasesandleni sakhe.
Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana akhe namadodakazi akhe edla , ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo,
bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujisw a nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?
Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.
Makubhubhe usuku engazalwa ngalo , nobusuku obathi : U khulelwe umntwana wesilisa.
Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona , kuhlale ifu phezu kwalo ; okwenza mnyama usuku makulwesabise.
Lase lima ilanga , nenyanga yahlala , abantu baze baziphindisela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini lokho eNcwadini Yolungileyo na ? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kungathi usuku lonke.
Aluzange lube khona usuku olunjengalo ngaphambi kwalo noma ngasemva kwalo lokuba uJehova alilalele izwi lomuntu, ngokuba uJehova wamlwela u- Israyeli.
UJoshuwa wayala abantu, wathi: Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu , kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: Khamulukani! Bese nikhamuluka.
Bethani icilongo eSiyoni , nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni , ngokuba luyeza usuku lukaJehova , ngokuba lusondele;
UJehova uzwakal isa izwi lakhe phambi kwempi yakhe , ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu , nowenza izwi lakhe unamandla ; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?
usuku lobumnyama nolwesigayegaye , usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni , abantu abaningi abanamandl a abangazange babe ngabanjalo kwasendulo , nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.
Ilanga liyakuphenduka ubumnyama , inyanga ibe yigazi , lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.
Yizixuku ngezix uku esigodini sokwahlulela , ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.
Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso ? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na ? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi.
Ngokuba bheka , luyeza usuku , luvutha njengeziko ; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza o kubi bayakuba ngamabibi ; luyakubashisa lolo suku oluzayo, usho uJehova Sebawoti, lungabashiyeli mpande nagatsha.
Bhekani, ngiyakuthuma kini u -Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.
Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono , kuhlwe kini , ningabe nisabhula ; ilanga liyakushonela abaprofethi , usuku lube mnyama phezu kwabo.
Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho ; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.
Omuhle wabo unjengobobe , olungileyo mubi kunothango lwameva ; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile ; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.
Ngase ngiphikisana nabakhulu bakwaJuda , ngathi kubo: Okubi kuni lokhu enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?
Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule , eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.
Okwalungiselwa usuku lwaba lunye nje kwakuyinkabi nezimvu eziyisithupha ezikhethekileyo ; ngalungiselwa nezinyoni newayini eliningi lezinhlobo zonke kanye ngezinsuku eziyishumi ; nokho angicelanga isinkwa sombusi, ngokuba ubugqila babusinda phezu kwalaba bantu.
Aniyikuyidla usuku lube lunye , noma izinsuku zibe zimbili , noma izinsuku zibe yisihlanu, noma izinsuku zibe yishumi, noma izinsuku zibe ngamashumi amabili,
Abantu bavuka lonke lolo suku , nobusuku bonke , nalo lonke usuku olulandelayo, babutha izigwaca ; owabutha okuncane wabutha amahomere ayishumi; bazenekela ngasekamu nxazonke.
Bheka, luyeza usuku lukaJehova , lapho impango yakho iyakwahlukaniswa phakathi kwakho.
Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane , lapho ethokoza lawa mehlo ayisikhombisa kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukubona umthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele, na?
Usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu; umsindo wosuku lukaJehova uyababa, neqhawe liyahhewula khona.
Lolo suku lungusuku lolaka , usuku lokuhlupheka nolosizi , usuku lwencithakalo nolokuyize , usuku lobumnyama nolwesigayegaye , usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,
usuku lwecilongo nolokuhlaba umkhos i ngasemizini ebiyelwey o nasemibhoshongweni yasezingosini.
Thula phambi kobu so beNkosi uJehova , ngokuba usuku lukaJehova luseduze; uJehova ulungisile umhlatshelo , ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.
isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhob a lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.