Skip to Content

"uthando"

60 occurrences in ZUL

1 kaJohane 2:15

Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye,

1 kaJohane 2:5

kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye;

1 kaJohane 3:1

Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.

1 kaJohane 3:12

kungabi njengoKayini owaba ngowomubi , wabulala umfowabo ; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi , kepha eyomfowabo yayilungile. Uthando lwabazalwane

1 kaJohane 3:16

Uthando silw azi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.

1 kaJohane 3:17

Kepha yena onemfuyo yezwe , ebona umzalwane wakhe eswele , amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?

1 kaJohane 4:10

Uthando lukulokhu , kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu , kepha ukuthi yena wasithanda thina , wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.

1 kaJohane 4:17

Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi , ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe.

1 kaJohane 4:18

Akukho ukwesaba othandweni , kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso , nowesabayo akaphelele othandweni.

1 kaJohane 4:7

Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.

1 kaJohane 4:9

Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe y odwa ukuba siphile ngayo.

1 kaPetru 4:8

kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo , ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;

1 kwabaseKorinte 10:22

Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na? Inkululeko yobuKristu; uthando

1 kwabaseKorinte 13:1

Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi , kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.

1 kwabaseKorinte 13:2

Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.

1 kwabaseKorinte 13:3

Noma ngabela abampofu konke engina kho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.

1 kwabaseKorinte 13:4

Uthando luyabekezela , uthando lumnene , alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi;

1 kwabaseKorinte 13:8

Uthando alusoze lwaphela ; kepha nokuba kukhona ukuprofetha , kuyakukhawuka; nokuba kuyizili mi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi , kuyakukhawuka.

1 kwabaseKorinte 14:1

Jongani uthando , futhi nizondelele iziphiwo zomoya , ikakhulu ukuba niprofethe.

1 kwabaseKorinte 16:24

Uthando lwami alube nani nonke kuKristu Jesu.

1 kwabaseKorinte 8:1

Maqondana nokuhlatshe lwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinokwazi . Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.

1 kwabaseThesalonika 2:16

besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo. Uthando lukaPawulu aluguqukile

2 kaJohane 1:6

Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe ; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni. Ukuxwayisa ngabakhohlisi nangomphikukristu

2 kaPetru 1:7

nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane , nasekuthandeni abazalwane uthando.

2 kwabaseKorinte 2:4

Ngokuba ngosizi olukhulu nangobuhlungu be nhliziyo nganilobela nginezinyembezi eziningi, kungabi ngukuba nidabukiswe, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo.

2 kwabaseKorinte 5:14

Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela , sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa;

2 kwabaseKorinte 8:12

Ngokuba uma uthando lukhona , kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.

2 kwabaseKorinte 9:2

ngokuba ngiyalwazi uthando lwenu engizincoma ngalo ngani kwabaseMakedoniya, uma ngithi i -Akhaya lase lizilungisele kwany akenye nokuthi ukushisekela kwenu kuvusile iningi labo.

2 uSamuweli 1:26

Ngidabukile ngawe mfowe thu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi ; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.

3 kaJohane 1:6

abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla ; uzakwenza kahle , uma ubaphelekezela ngokufanele uNkulunkulu;

IsAmbulo 2:4

Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:2

Makangange ngokwanga komlomo wakhe ! Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:5

Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo , ngihlumelele ngama - apula, ngokuba ngiyafa uthando.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:7

Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema , ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi. Isihlabelelo sothando somakoti

IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:5

Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema , ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi. Udwendwe lomthimba

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:10

Lumnandi kangakanani uthando lwakho , dadewethu, makoti wami! Luhle kangakanani uthando lwakho , kunewayini, nephunga lamafutha akh o kunamakha onke!

IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:8

Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma nimfumana othandiweyo wami, ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando. Abangane:

IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:12

Masivuke ekuseni, siye ezivinini, sibone uma umvini uqhakazile , nezimbali zawo uma zivulekile, namapomegranati uma ekhahlele. Lapho ngiyakukunika uthando lwami.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:4

Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema , ukuba ningalunyakazisi , ningaluvusi uthando, lungakavumi. Abangane:

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:6

Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho , njengophawu engalweni yakho , ngokuba uthando lunamand la njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:7

Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifula ayinakuluminzisa; uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando , nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa. Umakoti nabafowabo Abangane:

IzAga 15:17

Isidlo semifino lapho kukhona uthando singcon o kunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.

IzAga 17:9

Osibekela isiphambeko ufuna uthando , kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

KumaHeberu 10:24

masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,

KumaHeberu 13:1

Malume njalo uthando lobuzalwane.

Kwabase-Efesu 3:13

Ngalokho ngiyacela ukuba ningadangali ngezinhlupheko zami ngenxa yenu, okuludumo lwenu. UPawulu ukhulekela ibandla ukuba likhule ekwazini uthando lukaNkulunkulu

Kwabase-Efesu 3:19

nokulwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke , ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu.

KwabaseFilipi 1:9

Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke,

KwabaseKolose 3:14

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyis ibopho sokuphelela.

KwabaseRoma 12:8

oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho ; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo. Uthando nokuphathana kahle

KwabaseRoma 12:9

Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;

KwabaseRoma 13:10

Uthando alwenzi okubi kumakhelwane ; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho. Ukuhamba ekukhanyeni

KwabaseRoma 5:5

ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.

NgokukaJohane 5:42

Kepha ngiyanazi nina ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkul u phakathi kwenu.

NgokukaMathewu 24:12

Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.

UHezekeli 33:31

Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho , abawenzi kodwa , ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.

UHoseya 6:4

Ngiyakwenzani kuwe Efr ayimi, ngiyakwenzani kuwe Juda , na? Uthando lwenu lunjengefu lokusa nanjengamazolo amuka ekuseni.

UHoseya 6:6

Ngokuba ngifuna uthando , hhayi umhlatshelo ; ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.

UJeremiya 2:33

Ulungisa kahle kanjan i indlela yakho ukufuna uthando ! Ngalokho nabesifazane ababi ubafundisile izindlela zakho.

UmShumayeli 9:6

Uthando lwabo , nokuzonda kwabo , nomhawu wabo sekuphel ile, futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga.