Skip to Content

"uthathe"

20 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 17:18

uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi, ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.

1 uSamuweli 26:11

UJehova makenqabe ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova; ake uthathe umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi , sihambe.

2 AmaKhosi 4:29

Wayesethi kuGehazi : Bhinca izikhali zakho , uthathe udondolo lwami ngesandla sakho , uhambe; uma uhlangana nomuntu , ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela , ungamphenduli, ubeke udondolo lwami ebusweni bomntwana.

2 uSamuweli 2:21

U-Abineri wayesethi kuye : Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe. Kepha u- Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni.

AbAhluleli 15:6

AmaFilisti ayesethi : Ngubani okwenzile lokho na ? Bathi: NguSamsoni, umkhwenyana wowaseThimna , ngokuba yena uthathe umkakhe , wamnika umngane wakhe. AmaFilisti akhuphuka, amshisa yena noyise ngomlilo.

NgokukaMarku 2:11

ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

NgokukaMarku 2:9

Yikuphi okulula ukuth i kofe uhlangothi : U thethelelwe izono zakho , noma ukuthi: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe, na?

U-Eksodusi 17:5

UJehova wathi kuMose: Dlulela phambi kwabantu, uthathe amalunga akwa- Israyeli; nenduku yakho owashaya ngayo umfula , yiphathe ngesandla sakho, uhambe.

U-Esteri 6:10

Yayisithi inkosi kuHaman i: Shesha, uthathe is ambatho nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kuMoridekayi, umJuda, ohlezi esangweni lenkosi. Makungaphuthi lutho lwakho konke okukhulumileyo.

UDuteronomi 26:2

uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.

UGenesise 18:6

U-Abrahama waphuthuma etendeni kuSara , wathi: Sheshisa, uthathe amaseya amathathu empuphu ecolekileyo , uyixove, wenze amaqebelengwane.

UGenesise 19:15

Kusantwela iz ingelosi zamsheshisa uLoti , zathi: Vuka uthathe umkakho , namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.

UGenesise 7:2

Kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo uzakuthatha ngasikhombisa, iduna nensikazi yalo, nakuzo izilwane ezingahlambulukile uthathe ngambili , iduna nensikazi yalo,

UHezekeli 22:12

Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi ; wena uthathe inzalo nenzuzo , waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela , wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 38:13

ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo z onke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla , ususe isiliva negolide , uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na?

UHezekeli 5:2

Inxenye yesithathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi , seziphelile izinsuku z okuvinjezelwa, uthathe enye inxenye yesithathu , ugalele ngenkemba nxazonke zayo , nenye inxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni , ngihoshe inkemba emva kwazo.

UJeremiya 19:1

Washo kanje uJehova , wathi: Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi,

UJeremiya 36:6

Hamba wena , ufunde emqulwini owulobileyo , uthathe emlonyeni wami , amazwi kaJehova ezindl ebeni zabantu endlini kaJehova ngosuku lokuzila ukudla, uwafunde nasezindlebeni zabo bonke abakwaJuda abavela emizini yakubo.

UJeremiya 46:11

Khuphukela kwaGileyadi , uthathe ibhalisamu , wena ntombi , ndodakazi yaseGibithe; usebenzisela ize imithi eminingi, ukuphuluka akukho kuwe.

UJobe 22:6

Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kumfowenu , wahlubula abampofu izingubo zabo.