Skip to Content

"utho"

36 occurrences in ZUL

1 kaJohane 5:14

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi , uma sicela utho ngokwentando yakhe , uyasizwa.

1 kwabaseKorinte 14:30

Kepha uma kwambulwa utho komunye ohlezi khona, kathule owokuqala.

1 kwabaseKorinte 14:35

Uma-ke bethanda ukufunda utho , mababuze emadodeni abo emakhaya ; ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni.

1 kwabaseKorinte 8:2

Uma umuntu ethi wazi utho, kakazi njengokuba kufanele ukuba azi;

2 kwabaseKorinte 13:8

Ngokuba asinamandla okwenza utho , uma simelana neqiniso , kuphela uma simela iqiniso.

2 kwabaseKorinte 2:10

Kepha lowo enimthethelela utho , nami ngiyamthethelela ngokuba lokho esengikuthethelele, uma kukhona into engiyithetheleleyo , ngikuthethelela ngenxa yenu phambi kobuso bukaKristu,

2 uSamuweli 14:10

Yathi inkosi: Oshoyo utho kuwe, mlethe kimi; akayikuphinda akuthinte.

EkaJakobe 1:7

Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi,

IsAmbulo 22:19

futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho , uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila , nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.

IzEnzo 17:25

futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho , yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke;

IzEnzo 19:39

Kepha uma nifuna utho ngaphezu kwalokho , kuyalungiswa ebandleni elimisiweyo.

IzEnzo 21:37

Esezakungeniswa ekamu uPawulu wathi enduneni yenkulungwane : Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na? Yona yathi: Uyasazi isiGreki na?

IzEnzo 25:11

Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa , angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho , akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.

IzEnzo 26:26

Ngokuba inkosi engikhuluma kuyo ngesibindi iyazi ngalezi zinto, ngokuba angikholwa ukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekile kuyo ; ngokuba lokhu akwenziwanga engosini.

IzEnzo 28:21

Base bethi kuye : Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya , akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe.

IzEnzo 3:5

Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo.

KwabaseGalathiya 6:3

Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

NgokukaJohane 14:14

Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza.

NgokukaJohane 3:27

UJohane waphendula wathi : Umuntu angelwamukele utho , uma engaluphiwanga luvela ezulwini.

NgokukaJohane 7:4

Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni , efuna yena uqobo lwakhe abe sobala. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise wena kulo izwe.

NgokukaLuka 22:35

Wathi kubo : Mhla nginithuma ningenasikhwama , nayika, nazicathulo, naswela utho na? Bathi: Lutho.

NgokukaMarku 10:19

Uyayazi imiyalelo ukuthi : Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.

NgokukaMarku 11:13

Wabona umkhiwane ukude , unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo ; esefikile kuwo akafumananga lutho , amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane.

NgokukaMarku 13:15

ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe,

NgokukaMarku 7:12

anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho.

NgokukaMarku 7:15

Alukho utho olungaphandle k omuntu lungene kuye olungamngcolisa ; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu.

NgokukaMarku 8:23

Wayibamba impumputhe ngesandla , wayiholela ngaphandle komuzi , wafela amathe emehlweni ayo , wabeka izandla phezu kwayo , wayibuza wathi: Ubona utho na?

NgokukaMarku 9:22

Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.

NgokukaMathewu 21:3

Uma umuntu esho utho kini , anothi: INkosi iyazidinga ; uyakuzithumela masinyane.

U-Isaya 52:3

Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Nathengiswa ngento engel utho; niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.

UDaniyeli 6:4

Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye , ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye.

UDuteronomi 24:10

Nxa utsheleka umakhelwane wakho utho , awuyikungena endlini yakhe ukulanda isibambiso sakhe.

UJona 3:7

Yamemezela, yasho eNineve ngomthetho we nkosi nabakhulu bayo , yathi: Makungabikho muntu onambitha utho , nasilwane, nankomo, namvu, bangadli, bangaphuzi manzi,

UJoweli 3:4

Niyini kimi, nina Tire neSidoni , nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na ? Niyakungibuyisela utho na ? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,

ULevitikusi 11:25

Bonke abathwala utho lwezidumbu zazo bayakuhlanza izingubo zabo , babe ngabangcolile kuze kuhlwe.

UNumeri 22:38

UBileyamu wathi kuBalaki : Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho . Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami , ngiyakukhuluma lona.