Skip to Content

"utwa"

11 occurrences in ZUL

AmaHubo 42:7

Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho ; onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.

AmaHubo 69:15

Isikhukhula samanzi masingangicwilis i, utwa lungangigwinyi , umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.

IzAga 8:24

Lungakabikho utwa ngazalwa, ingakabikho imithombo egcwele amanzi.

U-Amose 7:4

Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.

UHabakuki 3:10

Izintaba ziyakubona , zithuthumele; isikhukhula samanzi siyadlula ; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo.

UHezekeli 26:19

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Lapho ngiyakukwenza umuzi ochithekileyo njengemizi engahlalwayo , nalapho ngiyakukhuphulela utwa phezu kwakho, amanzi amaningi akusibekele,

UHezekeli 31:15

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile , ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa ; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo.

UHezekeli 31:4

Amanzi awukhulisa , utwa lwawuphakamisa ; imifula yawo yahamb a yazungeza indawo yokutshalwa kwawo ; yayisithuma imisele yayo kuyo yonke imithi yasendle.

UJobe 28:14

Utwa luthi: Akukho kimi; ulwandle luthi: Akukho kimi.

UJobe 41:32

Wenza umgudu ukhazimule emva kwakhe; kungathi utwa lungwevu.

UJona 2:5

Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami , utwa lwangikaka . Umhlanga wathandela ekhanda lami.