Skip to Content

"uyachitha"

10 occurrences in ZUL

IzAga 22:12

Amehlo kaJehova anaka onokwazi, kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.

U-Eksodusi 15:7

Ngobukhulu bobukhosi bakh o uyachitha abakuvukelayo ; uyathuma intukuthelo yakho, ibaqede njengamabibi.

U-Isaya 21:2

Ngitshelwe umbono olukhuni : umphangi uyaphanga , umchithi uyachitha . Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya; konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.

UJeremiya 25:36

Yizwi lokukhala kwabelusi, nokuhhewula kwezikhulu zomhlambi, ngokuba uJehova uyachitha idlelo labo,

UJobe 14:19

amanzi ayagubha amatshe ; ukuphuphuma kwawo kuyakhukhula uthuli lomhlaba; kanjalo uyachitha nethemba lomuntu.

UJobe 15:4

Yebo, uyachitha ukwesaba, unciphisa ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.

UJobe 26:12

Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi ; ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.

UJobe 40:8

Imbala uyachitha ukwahlulela kwami , ungilahle ukuba ube ngolungileyo , na?

UJobe 5:12

Uyachitha amacebo abanobuqili , ukuze izandla zabo zi ngabi nakufeza umgomo wabo.

UJobe 5:2

Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.