"uyakudla"
19 occurrences in ZUL
Uyakumlimela umhlabathi , wena namadodana akho nezinceku zakho , uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla , kepha uMef ibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami . USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.
USiba wathi enkosini : Njengakho konke inkosi yami , inkosi, eyale ngakho inceku yayo, iyakwenze njalo inceku yakho. UMefibosheti uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi.
Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho ; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.
Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya , nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.
Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo , nolinda inkosi yakhe uyakudunyiswa.
Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo , ngolwesikhombisa kube khona umkhosi kaJehova.
Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina . Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa , njengalokho ngakuyala , ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka -Abibi, ngokuba ngenyanga ka -Abibi waphuma eGibithe.
Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.
Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyakudla, usuthe.
Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo ; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo , isinkwa senhlupheko , ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokuno nopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho.
Izinsuku eziyisithupha uyakudla isinkwa esingenamvubelo , ngosuku lwesikhombisa kube ngumhlangano ozothileyo kuJehova uNk ulunkulu wakho; ungasebenzi msebenzi.
Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho.
Uyakudla usuthe , umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.
izwe lapho uyakudla khona isinkwa kungekho kuswela ; awuyikudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nelizintaba zalo ungemba kuzo ithusi.
Bheka, izwi likaJehova leza kuye , lathi: Lona akayikudla ifa lakho , kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.
Wayesethi ku -Adamu: Njengokuba ulalele izwi lomkakho , wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo , ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.
Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho , uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo ; ngokuba ungumhlabathi , uyakuphenduka umhlabathi.
Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele.
UJehova uyakudla ifa lakwaJuda , libe yisabelo sakhe ezweni elingcwele , abuye akhethe iJerusalema.