Skip to Content

"uyidwala"

10 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 22:2

wathi: UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;

2 uSamuweli 22:3

uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami ; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.

AmaHubo 18:2

Jehova uyidwala lami , nenqaba yami , nomkhululi wami ; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo , nesihlangu sami , nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.

AmaHubo 31:3

Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami ; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise.

AmaHubo 71:3

Yiba kimi idw ala lokuhlala , ukuze ngiye kulo njalonjalo ; ukuyalezile ukusindiswa kwami, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.

AmaHubo 73:26

Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela ; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.

AmaHubo 78:35

Base bekhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo ; uNkulunkulu oPhezukonke ungumkhululi wabo.

AmaHubo 92:15

ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile ; uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.

U-Isaya 26:4

Thembani kuJehova kuze kube phakade, ngokuba uJehova, yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.

UDuteronomi 32:4

Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele , ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakal a; ulungile, uqotho yena.