Skip to Content

"wababusisa"

11 occurrences in ZUL

1 iziKronike 16:2

UDavide e seqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wababusisa abantu egameni likaJehova.

AmaHubo 107:38

Wababusisa, banda kakhulu, akanciphisa izinkomo zabo.

NgokukaLuka 24:50

Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe , wababusisa.

NgokukaLuka 2:34

USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina : Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo --

NgokukaMarku 10:16

Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo. Insizwa enothileyo (Math. 19:16; Luk. 18:18)

U-Eksodusi 39:43

UMose wabona wonke umsebenzi ; bheka, babewenzile; njengalokho uJehova eyalile, bawenza kanjalo; uMose wababusisa.

UGenesise 1:28

UNkulunkulu wababusisa ; uNkulunkulu wathi kubo : Zalani, nande, nigcwalise umhlaba , niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle , nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.

UGenesise 49:28

Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa -Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo , wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.

UGenesise 5:2

Wabadala owesilisa nowesifazane , wababusisa, waqamba igama labo ngokuthi abantu mhla bedalwa.

UJoshuwa 22:7

Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani , kepha inxenye uJoshuwa way inika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga . Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi:

ULevitikusi 9:22

U-Aroni waphakamisela izandla zakhe kubantu , wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula.