Skip to Content

"wabalekela"

8 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:40

USolomoni wayesefuna ukumbulala uJerobowamu , kepha uJerobowamu wasuka, wabalekela eGibithe kuShishaki inkosi yaseGibithe, wahlala eGibithe waze wafa uSolomoni. Ukufa kukaSolomoni

2 AmaKhosi 14:19

Bamenzela ugobe eJerusalema ; wabalekela eLakishi , kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.

2 AmaKhosi 9:27

U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, esebone lokho wabaleka ngendlela yendlu yasensimini. Kepha uJehu wamlandela , wathi: Mbulaleni naye enqoleni yakhe. Benze njalo -ke ngasemmangweni waseGuri ongaseJibileyamu . Wabalekela eMegido, wafela khona.

2 iziKronike 25:27

Kusukela esikhathini u -Amasiya aphambuka ngaso ekumlandeleni uJehova bamenzela ugobe eJerusalema ; wabalekela eLakishi , kepha bat humela bamlanda eLakishi, bambulala khona.

AbAhluleli 11:3

UJefta wabalekela abafowabo , wahlala ezweni laseThobi ; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.

AbAhluleli 3:26

U-Ehudi waph unyuka zisalinda , wadlula endaweni yezithombe ezibaziweyo, wabalekela eSeyiri.

UHoseya 12:12

UJakobe wabalekela ezweni lase -Aramu, u-Israyeli wakhonzela umfazi , walusa umhlambi ngenxa yomfazi.

UJobe 1:1

Kwakukhona umuntu ezweni lase -Uzi ogama lakhe lalinguJobe ; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.