Skip to Content

"wagcwalisa"

7 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:35

Amanzi agobhoza ngase-altare nxazonke; wagcwalisa nomsele ngamanzi.

2 AmaKhosi 21:16

Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala , waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni , ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.

2 AmaKhosi 24:4

nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.

AmaHubo 80:9

Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba.

NgokukaMarku 15:36

Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.

UGenesise 21:19

UNkulunkulu wavula amehlo akhe , wabona umthombo wamanzi , waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.

ULevitikusi 9:17

Wayeseletha umnikelo wempuphu , wagcwalisa isandla sakhe ngawo , wawushisa e-altare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.