Skip to Content

"wakhathazeka"

9 occurrences in ZUL

1 iziKronike 10:3

Impi yaba nzima kuSawule ; abacibishelayo bamfica; wakhathazeka ngenxa yabacibishelayo.

1 uSamuweli 31:3

Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica, wakhathazeka kakhulu ngenxa yabacibishelayo.

AbAhluleli 10:16

Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo , bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.

AbAhluleli 16:16

Kwathi lapho emcindezela yonke imihla ngamazwi akhe , emgqugquza, wakhathazeka umphefumulo wakhe kwaze kwaba sekufeni.

NgokukaJohane 11:33

Ngakho uJesu embona ekhala , nabaJuda abafika naye bekhala , wabubula emoyeni, wakhathazeka;

NgokukaJohane 13:21

UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni , wafakaza wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.

NgokukaMathewu 2:3

UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka neJerusalema lonke kanye naye.

UDaniyeli 2:1

Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho ; umoya wakhe wakhathazeka , nobuthongo bakhe bambalekela.

UDaniyeli 7:15

Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo , nemibono yekhanda lami yangihlupha.